UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi bayaweseka umbono wokuthi kuphenywe ngokufa kwezingqalabutho ezalwela inkululeko okukhona kuzo owayengumengameli wale nhlangano, Inkosi Albert Luthuli.
UMbalula uthe nabo bafuna ukwazi ukuthi uLuthuli washona kanjani, wathi bayaseseka isicelo somndeni sokuba kuqalwe uphenyo.
Ukusho lokhu eThekwini izolo ehlangene nemindeni yezishoshovu ezashonela emazweni angaphandle.
ULuthuli washona ngo-1967, umndeni awuyikholwa eyokuthi washayiswa isitimela.
Eminye imindeni efuna ukuthi kuphenywe ngokufa kwezishoshovu, umndeni wowayengunobhala jikelele we-SACP, uMnuz Chris Hani nomndeni kaMnuz Griffiths Mxenge.
UMbalula uthe ukubuyiselwa kwelakubo kwaloyo owabulala uHani, uJanusz Waluś, kukhombise ngokusobala ukuthi maningi amanxeba angakapholi.
Uthe bayazeseka zonke izicelo zale mindeni zokuba kuphenywe ngokushona kwezingqalabutho.
“Ngesikhathi kukhishwa loya mbulali, sakhuluma indaba yokuthi sifuna uhulumeni ucubungule eyokuvula uphenyo. Kwaba nezinkulumo zokuthi uphenyo luzokwenziwa kanjani njengoba isigameko senzeka kudala.
“Thina ngokwazi kwethu akufanele kubhekwe indaba yesikhathi uma kufanele kuphenywe. Abaphethe abemukele ukuthi umndeni ucela ukuthi kuphenywe. Siyaseseka isicelo somndeni. Sizobheka ukuthi luyaqala yini uphenyo.”
Izolo uMbalula uhlangane nemindeni yezishoshovu ezintathu zaseThekwini ezashonela emazweni angaphandle ngesikhathi kulwelwa inkululeko.
Amathambo alezi zishoshovu, uMnuz Aubrey Mdletshe, Luckboy Ngubane noJudson Khuzwayo, asanda kulandwa emazweni angaphandle, azongcwatshwa kabusha ngempelasonto.
UMbalula uthe bazohlezi bewahlonipha amagalelo ala maqhawe anikela ngempilo yawo ngesikhathi kuliwa nobandlululo.
“Ukulwa kwabo kwasilethela inkululeko. Lokhu kusho ukuthi nathi kufanele siqhubeke lapho bagcina khona. Abafowethu nodadewethu bayilwela le nkululeko esinayo. Abantu baKwaZulu-Natal kufanele bengakhohlwa iqhaza elabanjwa yila maqhawe.”
UMbalula uthe kusazolandwa amathambo abanye abashonela kwamanye amazwe.
“Sesilande amathambo amaqhawe angu-42. Maningi kakhulu amaqhawe ashonela kwamanye amazwe. Kukhona abako-Angola. Ngeke siphumule singakawuqedi umsebenzi. Siyazi ukuthi imindeni iyophumula kahle mhla kwabuyiswa amathambo abathandiweyo bayo.”