UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ukuphikile ukuthi itwetwe lokuthi bangase bephunyukwe yiKwaZulu-Natal okhethweni oluzayo yilo elenze ukuthi bathumele abaholi bakazwelonke ukuba bezokhankasa kulesi sifundazwe esibangwayo.
Amalungu esigungu esiphezulu kwi-ANC aholwa uMengameli Cyril Ramaphosa, azokuba nemikhankaso ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal njengoba ukhetho selusondele. Imikhankaso izodonsa isonto lonke.
Izinkampani ezicwaningayo nabahlaziyi bezepolitiki babona i-ANC ingeke ilunqobe ukhetho KwaZulu-Natal ikakhulu njengoba iqembu elikhankaselwa owayengumengameli, uJacob Zuma, iMK, likhombisa ukudlondlobala.
UMbalula uthe abanalo itwetwe lokuthi bazolahlekelwa yiKwaZulu-Natal, wathi ukuthunyelwa kwabaholi akusho ukuthi bayatatazela.
“Asikho engcupheni yokulahlekelwa iKwaZulu-Natal. Inkinga ngeKwaZulu-Natal ukuthi inabantu abaningi kakhulu. Ngakho ke udinga abantu abaningi ukuthi beyokhankasa khona ukuze umyalezo we-ANC uzofinyelela kubo bonke abantu.
“Kukhona abathi umbango ushisa phansi KwaZulu-Natal. Abanye bathi njengoba sekukhona iMK, sisengcupheni yokulahlekelwa isifundazwe. Mina engingakusho ukuthi umkhankaso wethu uhamba kahle. Amalungu e-ANC siwacelile ukuthi angavumi ukuchukuluzwa.”
UMbalula uthe abaholi bakazwelonke bazokuya eGauteng uma sebeqede KwaZulu-Natal.
Lezi zifundazwe izona ezinesibalo esiphezulu sabantu ababhalisele ukuvota.
Abaholi be-ANC bafike KwaZulu-Natal ngeSonto, lapho bebenomhlangano okukhulume kuwo uRamaphosa.
Lowo mhlangano ubuhanjelwe nangabaholi bamadlelandawonye.
Ubuholi be-ANC kwisifunda iTheku buthe ukuhambela kwabaholi bakazwelonke kuzolekelela umkhankaso wokunqoba iKZN.
Okhulumela i-ANC kwisifunda iTheku, uMnuz Mlondi Mkhize, unxuse abantu ukuba babe yingxenye yemikhankaso ezokuba iqhutshwa amalungu esigungu esiphezulu.
“Sinxusa abantu baseThekwini ukuba basebenzise leli thuba ukuyozwakalisa izinkinga zabo kubuholi bukazwelonke. Abaholi abathunyelwe lapha kukhona abaholi bakahulumeni kazwelonke, abesifundazwe nabaholi bomasipala. Lokhu kusho ukuthi abantu bazothola ithuba eliyingqayizivele lokuba bazwakalise izinkinga zabo.”
UMkhize uthe uhambo lwabaholi bakazwelonke lufike kahle njengoba ukhetho seluseMome.
“Emikhankasweni emikhulu yokungena umuzi ngomuzi nemihlangano yomphakathi esibe nayo, abantu bawamukele kahle umyalezo we-ANC. Lokhu kwenza sibe nokuzethemba, kwenza singakungabazi ukuthi i-ANC izolunqoba ukhetho.
“Umkhankaso wethu wokhetho uzothola amandla ngalokhu kuhambela kwamalungu esigungu esiphezulu. Abaholi bakazwelonke bazokwamukelwa amalungu amagatsha akulungele ukukhankasela ukhetho.”