INDIMA kamaskandi seyiphinde yagqemeka ingozi kudlula emhlabeni umculi osebenze nezingwazi zaseSouth Coast, uMsawenkosi Allen Miya’ obedume ngelika-Automatic.
Lo mculi (35) wakwaThathani eHighflats oqale ukuzakhela igama egidela uPhuzekhemisi noNyonemhlophe, ushonele esibhedlela saseMgungundlovu iNorthdale ngeSonto. Ngokusho kukaphrojusa womculo ka-Automatic, uNkosinathi ‘Dollar’ Xaba, uphuthunyiswe esibhedlela exinwe wukugula ngemuva kokuphuza umuthi wokukhipha inyongo. “Ngishaqekile ukuzwa ukuthi lo mfana akasekho ekubeni bengingazwanga ukuthi uyagula. Kuthiwa usuke waxuba umuthi wokukhipha inyongo namaphilisi abewathathe kudokotela kanti akuzozwana esiswini,” kusho uPhuzekhemisi. Uchaze u-Automatic njengomculi obezithobile. “Ngihambe kakhulu naye, engigidela emicimbini ebiseGoli nakwezinye izifundazwe.”
U-Automatic uqophe amacwecwe amabili, ethi Uzalo ngo-2012 nethi Kuthi Angizule ngo-2015. UDollar uthe u-Automatic ubenekusasa eliqhakazile njengoba aphekwa yizingwazi ezingaMabhenanyawo. “Inkonzo yesikhumbuzo sika-Automatic izokuba seZwelithule Primary ngoLwesine (namuhla) ngo-10 ekuseni bese inkonzo yomngcwabo iba senkundleni yezemidlalo kwaThathani ngeSonto ngo-9 ekuseni,” kuphetha uDollar onguDJ osebenze kakhulu noDJ Bongz, Pastor Mjosty noSexy Diva.