KUNGAKAPHOLI maseko kuboshwe iMeya yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede mayelana nezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa, iNhloko ehhovisi layo uMnuz Martin Xaba isibekwe amacala umasipala ngoba uyisola ngokuhluleka ukuthathela izinyathelo labo abasolwa ngokuphula umthetho.
UXaba usolwa ngokuhluleka ukuthathela izinyathelo izikhulu zikamasipala ezithenteka kwinkohlakalo yokuholelwa kwezisebenzi eziyizipoki ohlelweni lwemisebenzi yamatoho, i-EPWP.
Isolezwe lithole ukuthi uXaba ubekwe amacala ekuqaleni kwaleli sonto cishe ngesikhathi esisodwa okuboshwe ngaso imeya.
Umkhandlu izolo awuzange ukuqinisekise noma ukuphike ukubekwa kwamacala kukaXaba.
Okhulumela uMkhandlu weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umkhandlu awuzikhulumi izindaba ezithinta umsebenzi nomqashi kumuntu wesithathu.
Uthe uma kukhona izindaba ezithinta umsebenzi bazixoxa ngqo nomuntu osuke ethinteka.
Imizamo yokuthola uXaba ayiphumelelanga izolo ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nomyalezo athunyelelwe wona akazange awuphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kodwa umthombo weSolezwe osondelene kakhulu nodaba ukuqinisekisile ukuthi uXaba ubekwe amacala umasipala ngoba esolwa ngokuxegisa isandla kulabo abasolwa ngokuphula umthetho.
Uthe inhloso yokubeka amacala uXaba ukuzama ukwenza ihhovisi lemeya ukuthi libukeke libuthaka futhi lingenalo uzinzo.
Uthe enye inhloso yalo mkhankaso ukuthi kuphazanyiswe umkhankaso kaNkkk Gumede njengoba kubhekwe engqungquthelani yesifunda ngo-Okthoba.
“Kuyaliwa njengoba kuyiwa engqungqutheleni kukhona abangasafuni ukuthi imeya ibuye njengoSihlalo we-ANC eThekwini manje benza konke okusemandleni abo ukuzama ukungcolisa igama layo,” kusho umthombo
Khomananjalo, uyaqina umkhankaso wokuthi uNkk Gumede ehle esikhundeni sakhe ngemuva kokuboshwa ngoLwesibili.
Abanye abantu abadume ngokuba inkukhu nempaka noNkk Gumede, Abahlali baseMjondolo izolo bakhiphe isitatimende lapho benezelele kwikhwelo elithi imeya ayishenxe esikhundleni.
Okhulumela le nhlangano, uMnuz Sbu Zikode uthe abazange bathuke uma bezwa ukuthi imeya iboshiwe.
“Inkohlakalo nokukhwabanisa kudla lubi eThekwini, uMbuso bese kumele ungenelele ukuze kunqandwe lobu bugebengu obenzekayo,” kusho uZikode.
Unxuse i-ANC KwaZulu-Natal ukuba imkhombe indlela uNkk Gumede.
“Kade sasho ukuthi iTheku manje seliphethwe izigebengu,” kusho uZikode.
UNobhala-jikelele weSamwu, uMnuz Koena-Ramotlou, uthe badumele futhi baphoxekile mayelana nokuboshwa kukaNkk Gumede.
URamotlou uthe kuyacaca ukuthi uphiko lwakwaDSW luyasetshenziswa ngosopolitiki ngenhloso yokufeza izinhloso zabo.
“Kade sasho ukuthi ukukhishwa kwamathenda ale misebenzi engenziwa yizisebenzi akwenziwa ukuze kusheshiswe uhlelo lokuhambisa izidingo kubantu kodwa kwenziwa ukuze kudliwe imali,” kusho uRamotlou.
Uthe bayanxusa ukuthi uNkk Gumede ashenxe esikhundleni sakhe njengoba kusaqhubeka uhlelo lwasenkantolo.
Uthe bafuna kuqalwe phansi kubuyekezwe uhlelo lokukhishwa kwale thenda kadoti yezigidi ngoba kuyacaca ukuthi akuzange kuhambe kahle ekuqaleni.
Ngakolunye uhlangothi, uNobhala we-ANCWL eThekwini uNkk Zama Sokhabase, uthe bona bakholwa ukuthi uNkk Gumede kumele aqhubeke nokwenza umsebenzi wakhe wokuba yimeya.
Uthe amakhwelo okuthi uNkk Gumede ehle esihlalweni wumkhankaso wokuzama ukumgudluza njengemeya noSihlalo wesifazane we-ANC eThekwini.
“Siyazi ukuthi kunomkhankaso okufakwe kuwona imali enkulu obizwa nge-Operation Khuthuza iTheku-the okappis okuhloswe ngawo ukukhipha imeya esikhundleni,” kusho uNkk Sokhabase.