LIGCINE lidume lasithatha isikhulu sikaMasipala wesiFunda iZululand okutholakale ukuthi bese sisebenze iminyaka singenazo iziqu ezifanele. Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo ongaphakathi kumasipala ukuthi kuhlale umkhandlu waphuma nesinqumo.
UMasipala wesiFunda iZululand ozinze oLundi, usezandleni ze-IFP kanti phambilini, uke waphathwa yi-NFP. Ngaleso sikhathi imeya kwaba wuNkk Zanele kaMagwaza-Msibi.
Kuleli sonto, kuhlale umhlangano oyisipesheli wesigungu esilawula umkhandlu kwase kuhlala nomkhandlu wamakhansela onke ephelele. Kuthiwa kudingidwe udaba kwase kuvotelwa ukuthi sichithwe.
Kuthiwa isikhulu lesi sasiqashwe kudala njengoba sesixoshwa manje kuvela indaba yeziqu. Kuthiwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, yiwona othimule indaba yesikhulu.
Leli phephandaba libone incwadi lapho umnyango utshela khona umasipala ukuthi isikhulu kasifanelwe wukuba sesikhundleni. Umnyango wayalela umkhandlu ukuthi uluthathele izinyathelo lolu daba.
Kuthiwa umasipala uqale wabhalela isikhulu usazisa ngokuthi siyephucwa abaqaphi, ngeke sisagadwa kanti Isolezwe ngempelasonto liyibonile incwadi ekhuluma ngabaqaphi. Emuva kwalokho, kulandele incwadi ebhalwe emuva kwesinqumo somhlangano wamakhansela.
Isolezwe ngempelasonto liyibonile incwadi yokuxoshwa kwesikhulu.
Incwadi yokuxoshwa ikubeka kucace ukuthi uphenyo lomnyango yilona oluholele ekutheni sixoshwe.
“Uphenyo lukamphathiswa womnyango luveze ukuthi ukuqokelwa kwakho esikhundleni akuhambisani nemibandela efanele. Ngenxa yaleso sizathu, umhlangano wangoDisemba 20, uthathe isinqumo sokuthi kunqanyulwe isivumelwano sakho sokubenza,’’ kusho incwadi esayinwe yimenenja kamasipala.
Incwadi ithi kufanele abuyisele kumqashi onke amathuluzi okusebenza abengakuyena. Imenenja kamasipala ishayelwe ucingo kaningi lungabanjwa, yathunyelelwa umyalezo, yangawuphendula.
Okhulumela umasipala, uNksz Zanele Mthethwa, uthe akekho emsebenzini ngakho akanayo imininingwane ephelele ngalolu daba.