UMASIPALA waseZululand uqashe inyosi yeSilo esanda kudilizwa wuhulumeni waKwaZulu-Natal, uMnuz Buzetsheni Mdletshe.
UMdletshe uzosebenza esikhungweni samaciko esingaphansi kwalo mkhandlu, Indonsa Arts and Craft Centre, lapho ezokube ecija khona izimbongi namaciko asafufusa.
IMeya kaMasipala waseZululand ephinde ibe uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukwamukele ukuqashwa kukaMdletshe.
“UMdletshe uzofika nesipiliyoni esikhulu kulesi sikhundla sakhe sokuba umdidiyeli omkhulu wezamasiko namaciko. Kungenzeka ukuthi abanye bambona esephelelwe ushatini, kodwa thina siyazi ukuthi amaciko aseZululand azohlumula okukhulu kwisipiliyoni eza naso.”
UMdletshe waziswe ngeledlule ukuthi inkontileka yakhe izonqanyulwa ekupheleni kwenyanga.
UMdletshe usebenza njengenyosi nomeluleki wezamasiko weSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe uMdletshe usezobizwa kuphela uma kunesidingo ukuba azohasha iSilo.