IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, lizoxoxa nomasipala kuleli ukuthi bangazivaleli izibhedlela, izikole nemitholampilo amanzi ngoba ayisidingo esibalulekile.
UMashatile uthe ukhathazekile ngokuthi omasipala bagcina sebevalela lezi zikhungo zikahulumeni amanzi ngenxa yokuthi zisuke zikweleta omasipala imali yamanzi.
Uthe nomasipala abakhokhelwa imali abasuke bekweleta, wathi kudingeka kugqugquzelwe isiko lokuthi kukhokhelwe izidingo.
“Amanzi abalulekile futhi ayisidingo ngakho akumele izikole, izibhedlela noma imitholampilo kuvalelwe amanzi. Yinto esizoyixoxa nomasipala ngoba iyasikhathaza eyokuthi lezi zikhungo zivalelwe amanzi,” kusho uMashatile.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende.
UMashatile ukhale ngengqalasizinda endala engalungiswa yamanzi kuleli, ezodala inkinga yokuthi kuphele amanzi uma ingalungiswa.
Uthe ithimba elajutshwa ngumengameli ukubhekana nenkinga yamanzi, limatasa lenza umsebenzi walo.
Umholi weBosa, uMnzu Mmusi Maimane, ukhale ngokuthi kukhulu okuza kunyelela kuleli ngenhlekelele yamanzi, wathi njengoba kwenzeka ngenkinga kagesi, kanjalo nenkinga yamanzi iyeza.
“Abantu abantulayo bazogcina bengenawo amanzi ngenxa yenkinga yokungalungiswa kwengqalasizinda yamanzi. Le nkinga kumele isukunyelwe ngokushesha isimo singaze siphume esandleni,” kusho uMaimane.
UMashatile uthe okushiwo nguMaimane kubaluleke kakhulu ngoba akumele kufike isimo lapho kuphela khona amanzi ezweni.
“Siyizwe elishoda ngamanzi nakuba okwamanje esekhona emadamini kodwa ukuvuza kwamanzi aphelela emhlabathini ngenye yezinto izinto ezisikhathazayo,” usho kanje.
Izindawo ezifana naseThekwini zibhekene nezinkinga ezithinta amanzi. Lo mkhandlu usuze wehlisa umthamo wamanzi ohlinzekwa umphakathi ohlala kuleli dolobha.
NoMcwaningi maBhuku Jikelele - kuleli sonto - embikeni othulwe ePhalamende, ukhale kakhulu ngenkinga yokuvuza kwamanzi emapayipini eThekwini agcina engafinyelelanga emphakathini.
UMashatile uthe zikhona izinhlelo zokusiza omasipala abafana neTheku, ngenkinga yokuvuza kwamanzi emapayipini, wahlaba ikhwelo komasipala ukuthi baqikelele mayelana nendle egelezela emifuleni, ingcolise le mifula.
“Baningi omasipala abashushiswayo mayelana nendle echithekela emifuleni. Yingakho sithi akulungiswe ingqalasizinda nokuvuza ukuze le ndle ingachithekeli emifuleni,” kubeka uMashatile.
Ukhale ngezikhukhula ezahlasela eThekwini eminyakeni edlule ukuthi zalimaza izinto eziningi kwingqalasizinda.
Uqinisekise izakhamuzi ngethemba lokuthi izinto ziyalunga kuleli dolobha.