MININGI imidlalo esikhiqiziwe nezincwadi ezabhalwa ukulandisa ngamaqhawe aseNingizimu Afrika, aphilayo nangasekho, kubalwa nombumbi wesizwe samaZulu, iNkosi uShaka kaSenzangakhona Zulu.
Nakuba kunjalo kodwa lokho akwanele kusomabhizinisi futhi ongumbhali uManzini Zungu, okholwa wukuthi kusekuningi okudinga ukwenziwa ukuqhakambisa amakhosi akuleli zwe.
Yingaleso sizathu unqume ukuhumusha umdlalo awukhiqiza eminyakeni emine edlule, othi Shaka iNkosi Yamakhosi, wawenza incwadi ayethule ngesonto elidlule, ukuzama ukuqhubeka aqhakambise ubuqhawe beLembe eleqa amanye ngokukhalipha.
“Ngiyazi ukuthi sesikhulume futhi senza okuningi ukuzama ukuxoxa umlando kaShaka kodwa ngibona kungakeneli ikakhulu ngoba isikhathi esiningi kwenziwa ngabantu bakwezinye izizwe abangawazi futhi abangawuqondi umlando wethu, okwenza bawuhlanekezele futhi baveze nezinto ezingelona iqiniso ngamaqhawe akithi,” kusho uManzini exoxa neSolezwe.
Eqhuba, uthe kule ncwadi kuzogqama ububele nobuhle bomuntu uShaka ayewuyena, hhayi njengoba abanye babenza ukumveza ewumuntu owuphumasilwe.
Uthe: “Kule ncwadi kugqama izinto ezingaziwa ngabaningi njengokuthi uShaka wayeyisoka futhi ewumculi, owayengavelela kakhulu kwezobuciko ukube wayephile esikhathini samanje.”
Uveze nokuthi le ncwadi, esiqalile ukudayisa ezitolo ezahlukene ezidayisa izincwadi ezweni lonke, iyatholakala nange-audio ukwenza kube lula kwabangakwazi ukufunda futhi seziqalile izinhlelo zokwenza ukuthi itholakale ngazo zonke izilimi zakuleli zwe, njengoba isatholakala ngesiZulu nesiNgisi kuphela okwamanje.
“Ngijabule kakhulu ngokubambisana ne-UJ (University of Johannesburg) ukufeza umbono wami ozosiza nabezizukulwane ezizayo ngolwazi,” kusho uManzini osebenza ophikweni lwabacwaningi khona e-UJ.