USIHLALO kazwelonke we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe uthi kuyayilimaza le nhlangano uma omakadebona, bephawula noma yikanjani esidlangaleni nge-ANC.
Uthe omakadebona kumele bayibheke into abayishoyo ngoba kumele babuyise le nhlangano uma isinhlanhlatha.
“Kuyasishaya kakhulu uma umakadebona etshela izwe ukuthi le nhlangano ijikele abantu. Lokhu kukhuluma akulindelekile kumuntu ongumakadebona, okumele kube nguye obuyisa inhlangano futhi anike umkhombandlela entsheni.”
UMantashe ukusho lokhu izolo evala umhlangano wezinsuku ezimbili wokucija izinhlaka ezehlukene ze-ANC ngezithinta ipolitiki, eKurhuleni.
Sekuyinsakavukela ukuthi omakadebona nababengomengameli, bagxeke le nhlangano esidlangaleni, ngezinto ezingahambi kahle enhlanganweni.
UMantashe uthe lokhu kugxeka akufiki ngisho ezintweni ezisuke zishiwo amaqembu aphikisayo, ngoba vele basuke bezilindele.
Ugcizelele ukuthi njengoba kubhekwe okhethweni lwangonyaka ozayo, kudingeka bawine ngamalengiso.
“Asifuni ukuwina ngo-50%, kumele siwine ngamalengiso. Asiphumeni siyosebenza ngamandla ukuze sidle umhlanganiso.”
Obhekele ukucija amalungu ngokwezepolitiki kwi-ANC, uMnuz David Makhura, uthe wonke amalungu enhlangano kumele licijwe ngokwezepolitiki, noma kuthiwa angomakadebona.
Uthe bafuna omakadebona baphefumule uma kukhona abakubona kungahambi kahle enhlanganweni.
“Asifuni kodwa bakhulume bekude. Kumele basondele eduzane. Siyasebenzisana nomakadebona. Yingakho nabo bebeyingxenye yalo mhlangano.”
Uthe ngonyaka ozayo bazothula lolu hlelo kuwona wonke amalungu.
“Sizoqeqesha labo abakhethelwe kuhulumeni, abasemahhovisi, abakomasipala kanjalo namalungu jikelele ukuze baqonde ukuthi kudingekani kubona. Lokhu kuzokwenzeka ngisho kubaholi abakhethiwe.”
Uthe abantu abasha bafika nezinguquko ezinqala, abadala beza namava.