USOMABHIZINISI waseThekwini uShauwn Mkhize uthi abameli bakhe ibona abazosingatha udaba lwezinsolo zokuhlukunyezwa ezenziwe ngunina wezingane zendodana yakhe uSithelo Shozi.
USOMABHIZINISI waseThekwini uShauwn Mkhize uthi abameli bakhe ibona abazosingatha udaba lwezinsolo zokuhlukunyezwa ezenziwe ngunina wezingane zendodana yakhe uSithelo Shozi.
Izolo uSithelo ongumculi, ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi wayehlukunyezwa nguyise wezingane zakhe, u-Andile Mpisane, emshaya bekhona abantu ekhaya kubo kayise wezingane zakhe.
Phakathi kwezinto azibalile uthe wayemhlukumeza ngokomqondo nangokumshaya.
Ephendula esitatimendeni esifakwe kwi-Instagram, uShauwn uthe usezwile ngezinsolo ezenziwe nguSithelo ngomndeni wakhe kwi-Instagram kodwa asezisusile.
“Ngenxa yobucayi bezinsolo, sengikhethe ukuthi udaba ngiludlulisele kubameli bethu nokuyibo asebezolusingatha kusukela manje kuya phambili,”
Uthe uyafuna ukukubeka kucace ukuthi akukho lapho yena noma elinye ilungu lomndeni like labona khona uSithelo ehlukunyezwa.
“Ngifuna ukuveza ukuthi lezi zinsolo zingamanga futhi zisehlisa isithunzi,” kusho uShauwn.
Uthe ngokomlando wakhe, nangendlela angazwani ngayo nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, izinsolo akazithathi kancane.
“Angisoze ngavuma noma ngavumela noma ngabe yiluphi uhlobo lokuhlukunyezwa komuntu,” kusho yena.
Imizamo yokuthola u-Andile noSithelo ukuthi baphawule, ayizange iphumelele.
Ethintwa uSithelo umsusi wendaba, uthe akakhulumi nabezindaba ngalolu daba, ngaphambi kokuvala ucingo lwakhe.
USithelo unezingane ezimbili no-Andile, bahlukana isigubhukane ngaphambi kokuthi kuvele izindaba zokuthi u-Andile useshade noTamia, okumanje sebenengane.