UBHOKE ngolaka umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ngesikhathi ebuzwa ngezinsolo zokuthi ilungu lesigungu esiphezulu, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, alivumelekile engqungqutheleni yokukhetha ubuholi beqembu ezokuba ngenyanga ezayo.
UMalema uchaze izinsolo zokungavumeleki kukaNdlozi engqungqutheleni njengomgosi wasemashibhini angeke awuphendule.
Lokhu ukusho ngesikhathi eyohlola indawo okuzobanjelwa kuyo ingqungquthela yangenyanga ezayo, iNasrec Expo Centre, eseGoli.
Kukhona amalungu e-EFF akhankasela ukuba uNdlozi abe yiphini lomholi we-EFF.
Kepha kunemibiko yabezindaba eveze ukuthi isigungu esiphezulu kwi-EFF simise uNdlozi kuzo zonke izinto ezithinta iqembu, nokusho ukuthi ngeke akwazi ukungenela umbango wezikhundla engqungqutheleni.
Ebuzwa ngezinsolo, uMalema uthe akayikhulumi indaba yamawongowongo.
“Angazi ukuthi kungani nifuna ukuthi ngikhulume ngoNdlozi. Angikaze ngisho lutho ngoNdlozi. Nifuna ngiphendule umgosi wasemashibhini? Ngeke ngikhulume ngento enihleba ngayo emathoyilethe. Ukuba kukhona into esifuna ukuyisho ngoNdlozi ngabe senze isimemezelo. Ngakho ke ngicela ningiyeke ngomgosi,” kusho uMalema.
Kunamalungu e-EFF asabisa ngokuthi azobhikisha uma uNdlozi egcine engavunyelwanga ukuba angenele umbango wesikhundla.
Kepha uMalema uthe alikho ilungu le-EFF elizobhikisha.
“Kule mpelasonto besinemihlangano nezithunywa eziya engqungqutheleni. Akukho lapho okube khona nombhikisho. Akukho lapho okube nemibuzo ngalolu daba. Lokho kukhombisa ngokusobala ukuthi ngeke kube khona abantu abazobhikisha engqungqutheleni. Ukuba kunabantu abafuna ukubhikisha besizobona kule mihlangano ebingempelasonto. Phela inhloso yale mihlangano bekuyikho vele ukuzwa amanzi ngobhoko.”
Kukholakala ukuthi into edalela uNdlovi amazinyo abushelelezi ukuthi akazange ababikele abaholi be-EFF ngesikhathi ethola ukuthi owayeyiphini lomholi ngaleso sikhathi, uMnuz Floyd Shivambu, uhlela ukushiya.
UNdlozi kukholakala ukuthi ungomunye wabaholi owalunywa indlebe nguShivambu ngezinhlelo zokushiya.
UMalema uwagxekile amalungu enhlangano angazange abubikele ubuholi ngesikhathi ezwa ngezinhlelo zikaShivambu zokushiya.
“Utshelwa indaba engaka wena bese unquma ukuthula, ungasitsheli. Lokhu kukhombisa ukuthi awethembekile kuthina. Angikwazi ukushaya sengathi konke kuhamba kahle ekubeni kukhona abantu abakwazi ukwenza kanje. Lento ikhombisa ukuthi kunenqwaba yabantu abangathembekile lapha phakathi kwethu.”