KUXABENE ubendle emndenini waseDundee, KwaZulu-Natal, owabuyiselwa umhlaba uhulumeni eminyakeni emithathu eyedlule njengoba kunombango oshisa phansi phakathi kukamakoti nabasemzini.
Lo mndeni ubanga umhlaba osepulazini iHazel Bean elinothe nangemayini yamalahle.
Kumanje ekhaya akubhekwana kujahwana nangezibhamu kanti umakoti kuthiwa wala ukhasha njengoba amanye amalungu omndeni ewafake enkantolo ehlangene nomyeni wakhe, ukuze aphume aphele kuleli pulazi.
Umndeni wakwaNtsele awusabhekani ngale ndlela yokuthi omunye wamalungu omndeni usephoqeleke ukuba aphume alishiye ipulazi ayoqashela izinkomo zakhe enye indawo yokuba zikwazi ukuphila.
Ngakolunye uhlangothi kubuye kwabhidlizwa indlu esakhiwa yezitini okungekamakoti nokuvuse omunye umsindo njengoba kusolwa abasemzini wakhe nokuthiwa baxoshe abakhi kuleli pulazi.
NgoLwesibili ebusuku kusuke esinamathambo kubangwa le ndlu ediliziwe kwaze kwangenelela amaphoyisa aseDundee atheleke ngemuva kokuba elandwe umakoti.
UNkk Nompumelelo MaMthethwa Ntsele ukhala ngokuthi ingxenye yabasemzini ayinalo ilungelo lokuhlomula ngalo mhlaba kodwa sebevele bathutheleka bonke bazokwakha baletha nemfuyo yabo kanti benjalo bayamhlukumeza.
“Angisazi ukuthi kumele ngenzenjani ngoba omunye wabo okunguMuzikawubongwa Ntsele nosebenza kuMasipala eNquthu akahlali ngisho lapha kodwa unomuzi eNdindindi. Yize kunjalo kodwa akapheli lapha ezosihlukumeza ngoba nje efuna leli pulazi ngenkani. Akasiyo ngisho ingxenye yabantu okwakumele bahlomule kodwa njalo uyafika ezoletha izimbuzi zakhe ngaphandle kwemvume yethu. Ngize ngagcina sengimfaka enkantolo kwathi ngomhlaka 26 kwaphuma isinqumo esingasigculisanga nokwenze saphoqeleka ukuba udaba siludlulisele phambili. Empeleni kusuka ngonyaka odlule kube nencwadi yenkantolo ebimvimba ukuba angasondeli kule ndawo yethu,” kusho uNkk Ntsele.
Ngesikhathi ekhuluma kanje ubenomoya ophezulu ebuya nasemphoyiseni ukuba azobona umonakalo odalwe abasemzini wakhe abamdilizele indlu baxosha nabakhi.
UMnuz Muzikawubongwa Ntsele oyilungu lomndeni uthe akasazi ukuthi kufanele enzenjani ngoba useze waduba walishiya ipulazi ngenxa kamakoti wakubo.
“Uyahlupha loya makoti, udle umhlaba wasekhaya ngenkani, ushaya izingane zakithi uyazihlukumeza . Nami sengize ngashiya ekhaya kulo ipulazi ngayozakhela umuzi eNdindindi,” kusho uNtsele ebalisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe maningi amacala asevuliwe yilo mndeni ngalolu daba, amanye afike ahoxiswe enkantolo. Uvumile ukuthi amaphoyisa abiziwe kuleli pulazi ngoLwesibili sekunesixakaxaka. Unxuse lo mndeni ukuthi uxoxisane uxazulule lolu daba ngokuthula.
Lo mndeni ulwa nje usezingxoxweni zokuba uhlomule ngamasheya emayini ekulomhlaba owabuyiselwa wona.