OWAYEYILUNGU le-ANC ePhalamende uDkt Makhosi Khoza wethule incwadi yakhe eyaziwa ngeZulu Conversational Grammar Bible ahlose ngayo ukwenza ukufunda nokukhuluma ulimi lwesiZulu kube lula.
Ngaphandle kokwethula le ncwadi ezofundwa nasezikoleni, uDkt Khoza uphinde wethula IsiZulu App esebenza nge-internet ezotholakala kumaselula.
Abantu bazokwazi ukungena kwi-App uma kukhona izinto abafuna ukufunda ngazo zesiZulu.
Ethula incwadi yakhe, uDkt Khoza uthe namhlanje (izolo) bazokwethula uhlelo olusha lokufunda IsiZulu oluhambisana nezibalo nonkamisa.
“Abantu abaningi bayasifunda IsiZulu kodwa inkinga iqala uma sekufanele basikhulume, manje sesiqhamuke nohlelo oluzokwenza izinto zibe lula, abafundi basithande isiZulu futhi bangasibukeli phansi. Into esiyifunayo wukuthi abafundi basithokozele isiZulu kungabi sengathi yinto ekhulunywa ngabantu abadala futhi abangaphucuzekile,” kusho uDkt Khoza.
Uthe ucwaningo lwakhe alwenze iminyaka engu-10, luveze ukuthi iningi labafundi ezikoleni alikwazi ukufunda nokubhala isiZulu.
“Njengoba kade ngisePhalamende kodwa ningangiboni uma sekuliwa ukuthi bengibhizi ngisebenza ngibheka izinto ezingaba yizisombululo ezinkingeni zezwe, inkinga inkulu kakhulu uma ubheka izichazamazwi ufuna igama elithi “ibhala” kumele ulithole ngaphansi kwegama elithi “bhala”, noma ufuna igama elithi “igeja” lelo gama ulithola ngaphansi kwegama elithi “geja”, leyo nto iyabadukisa kanti ukuza nohlelo olulula lwalolu hlobo lwenza ukufunda kube lula,” kusho uDkt Khoza.
Uthe abantu kumele babuyele ezimpandeni zabo basebenzise amagugu abo ukuzithuthukisa.