UNQUME ukuqhubeka nokubhadla esitokisini, umsolwa kwelokubulawa kwendodakazi eneminyaka emibili angayizali, isidumbu sayo esitholwe simbozwe ngobhavu egcekeni kubo, esigamekweni esishaqise amalungu omphakathi esenzeke eSiqungeni, eMthwalume ngesonto eledlule.
UMnuz Siyabonga Ndlovu (34) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe izolo ngecala lokubulawa kuka-Ayabonga (2).
Kukholakala ukuthi iqulu lamalungu omphakathi ebelibhikisha lisho ukuyibamba ngezandla iveni yamaphoyisa ebifika naye ngesikhathi ezovela, okungenye yezinto ezimenze wamanqika ukufaka isicelo sebheyili.
Inkantolo inqume ukulihlehlisela uMeyi 17 leli cala. Okhulumela inhlangano elwa nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane endaweni, i-Women of Mthwalume uNkk Bongekile Sithole obengomunye wabebehola umbhikisho uthe ukungadedelwa kukamsolwa ngebheyili yinto abebevele befuna ukuthi yenzeke.
Uthe yingakho bebephume ngezinkani ukuzokweseka umndeni nokufaka ingcindezi ukuthi engayinikwa.
“Sigculisekile ngokuthi angadedelwa ngebheyili noma enqume ukungasifaki isicelo.
“Lokhu ngeke kwenze umphakathi ungabe usaphuma ngobuningi ukuzobhikisha ngaphandle kwenkantolo uma evela ngoba esikufunayo ukuthi athole isigwebo esimfanele,” usho kanje
Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi amalungu omphakathi abamaningi enkantolo uma kuzovela umsolwa ukufaka ingcindezi ukuze anikezwe udilikajele.
Bakholwa wukuthi ukuphuma ngobuningi komphakathi yikona okumenze wanquma ukungaqhubeki nesicelo sebheyili esaba ulaka lwawo
Uthe abakufunayo ukuthi leli cala lidluliselwe enkantolo enkulu ukuze asheshe athole okumfanele ngoba vele icala wazivumela yena ngaphambi kokuboshwa ukuthi ulenzile.
UNdlovu okukholakala ukuthi wayegajwe yisikhwele emva kokwaliwa wunina wengane, kuthiwa ngosuku lwesigameko wathatha ingane kuninomncane eyayihleli naye wathi ifunwa wunina oyizalayo bahleli naye kwaba wukunyamalala kwakhe.
Kuthiwa ufonele unina ka-Ayabonga emazisa ukuthi ingane useyibulele wayilahla ehlathini okuthe uma kuyobhekwa khona, kusolwa ukuthi ukhokhobe nesidumbu sengane wayosilaxaza egcekeni kwabo wasimboza ngobhavu.