INKANTOLO eNkulu yasoPhongolo ilahle ngamacala okubulala angu-20 umshayeli weloli eladala isibhicongo libulala abafundi nothisha ngo-2022.
USibusiso Siyaya (28) uphinde walahlwa ngamanye amacala amabili okungelokushayela budedengu nelokuhluleka ukulandela imigomo eyenziwa umshayeli osuke ebandakanyeke engozini.
Ulahlwe ngala macala ngoLwesibili kanti kulindeleke ukuthi iJaji Garth Davis limgwebe namuhla uSiyaya.
UMbuso ubumelwe uqweqwe loMshushisi, u-Advocate Krishen Shah. USiyaya ubemelwe ugalalagala lommeli wakwaLegal Aid eNkantolo eNkulu obuye abe yibamba lejaji, uMnuz Pregasen Marimuthu.
Icala liqale ukuqulwa ngo-Ephreli 15 nonyaka, kwaphothulwa ngesonto eledlule ukwenziwa kwezethulo uShah benoMarimuthu benxenxa ijaji ukuba libavune.
Umqulu oqukethe uhlu lwamacala athweswe uSiyaya uveza ukuthi wayeqashwe uMnuz Perry Masinga enkampanini iiBaoBao Projects.
Wayekade esebenzela inkampani ethutha ilahle isuka esifundazweni iMpumalanga ilisa echwebeni laseRichards Bay.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe bayakwamukela ukulahlwa ngecala kukaSiyaya.
“Besihlale sisho ukuthi sikholwa wukuthi imbangela yale ngozi kwaba ubudedengu bomuntu, okuwumshayeli weloli. Besilibheke ngeso lokhozi leli cala. Sinethemba lokuthi lizoba yisifundo nakwabanye abashayeli bamaloli,” kusho uNcalane.
Uqhube wathi banethemba lokuthi isigwebo esizokhishwa yinkantolo sizothumela umyalezo oshubile nakwabanye abashayeli bamaloli abanomqondo ofanayo nokaSiyaya emigwaqweni.
Uveze nokuthi umnyango ukholelwa ukuthi isigwebo esizonikezwa uSiyaya sizoyithoba amanxeba imindeni yabashonelwa.
NgoSepthemba 16, 2022, uSiyaya wasika izimoto eziningi ngeloli kuyizimoto ayekade ephambana nazo ezazimvika.
Kuthiwa wayeqhubeka elibelesela iloli kwaze kwaba lishayisana mahlanze neveni eyayilayishe abafundi ababebuya esikoleni. Kwashona abafundi abangu-18, uthisha nomshayeli weveni owayeneminyaka engu-19.