UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubona ukwandiswa kwamajaji esifazane kungasiza ukwelekelela ekulweni nesihlava sokuhlukunyezwa kwesibhuda nezingane ezinkantolo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wamajaji esifazane obuseKapa.
URamaphosa uthe nakuba amajaji esilisa nawo ekwazi ukulalela amacala okuhlukumeza ngokobulili, kodwa ukuba khona kwamajaji esifazane amaningi kungenza ukuthi anakwe ngokuthe xaxa la macala.
"Uma kuza ekulandelweni komthetho emacaleni okuhlukumeza ngokobulili, ubulili bamajaji nabo buba nomthelela. Njengamajaji abantu besifazane likhulu iqhaza lenu futhi kuningi eningakwenza ezinkantolo ukulwa nalesi hlava esixakile."
URamaphosa uthe isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane siyaqhubeka nokudla lubi kuleli.
URamaphosa uthe ukungaqiniswa kwemithetho kwababoshelwa la macala nakho kube nomthelela kule simo.
"Esakuthola ukuthi abantu ababoshelwa amacala okuhlukumeza abantu besifazane babenikezwa ibheyili, bese bengezi ezinkantolo. Abanye babephinde benze amanye amacala khona bengaphandle ngebheyili. Okwavela ukuthi izinkantolo zazingabanikezi izigwebo ezibekiwe abalahlwa amacala okuhlukumeza abesifazane nezingane. Abantu abahlukumezekile babephinde bahlukunyezwe amaphoyisa kanye nasezinkantolo."
URamaphosa uthe le simo senza ukuba kuqiniswe imithetho evikela abantu besifazane nezingane.
URamaphosa uthe ngo-2022 kwenziwa izinguquko emithethweni emithathu, iCriminal Law (Sexual Offences and Related Matters) Amendment Act, i-Criminal and Related Matters Amendment Act ne-Domestic Violence Act.
"Lezi zinguquko zizokwenza ukuthi kulandelwe imithetho. Izinguquko ngeke zigcine ngokuqinisekisa ukuvikelwa kwamalungelo abasolwa, kodwa ziqinisekisa nokuthi baphathwa kahle ezinkantolo abavula amacala.
URamaphosa uthe mkhulu umehluko osuwenziwe eNingizimu Afrika emizamweni yokwandisa isibalo samajaji esifazane.
"Njengezwe sisuka kude kakhulu. Siqhamuka esikhathini lapho sike saba namajaji nje amathathu kuphela amnyama. Nawo lawo majaji kwakungabantu besilisa, kungekho ngisho oyedwa umuntu wesifazane. Namhlanje cishe u-48% wamajaji asezinkantolo ezinkulu abantu besifazane. Izinkantolo ezinkulu eziyisithupha kwezingu-15 ziphethwe abantu besifazane. Kulezi zinkantolo eziphethwe abantu besifazane kubalwa eyoMthethosisekelo neyaMacala aDlulisiwe. Uma kuza ezinkantolo zezimantshi, uhhafu wezimantshi ngabantu besifazane."