UKUTAPA kwabantu ukudla nezimpahla mahhala ezitolo, kuphazamise ukusebenza kwezinhlangano ezilekelela emphakathini. Inhlangano engenzi nzuzo iKhanyamsamu Foundation kaMnuz Sibonelo Nxele, enikela ngokudla kubantu abahlukene njalo ngesonto, ikuthole kunzima ukuqhubeka nokusiza imiphakathi ngenxa yokugqoza kwezitolo.
USihlalo wenhlangano uNkk Thandeka Mhlongo Nxele, uthi iKhanyamsamu igcine ngoJulayi 16 ukunikela emphakathini, nakhona yakukhipha konke ukudla ngenxa yokwanda kwesibalo sabantu abaswele.
"Selokhu simile, silindile ukuthi kuze kube ngcono isimo ngoba ezitolo eziningi bathathe konke abantu obekungaphakathi. Sezikhona izitolo ezilungiswayo sike saya sayobheka, sizophinde siqhubeke nomsebenzi. Siyafisa ukuthi nabantu abangaba nesandla nabafisa ukubambisana nenhlangano bavele ngenxa yokuthi baningi abantu abaswele, nabadinga ukudla ngalesi sikhathi," kusho uNkk Nxele.
Eqhuba uthe umsunguli wenhlangano uNxele umatasa nokusungula amathuba omsebenzi ukuze alekelele abantu njengoba iningi labo liphelelwe yimisebenzi. Yize behambela izindawo namadolobha ahlukene kodwa okwamanje bazogxila emakhaya ngenxa yesimo.
Ikhona nenye inhlangano kaMnuz Wonder Dlamini, iZandla Zothando Foundation ezinze eMpendle, kanti nayo ikhala esifanayo. Kumanje uDlamini uthi banenkinga ngoba akukho lutho ezitolo eziseMpendle, wathi baphoqeleka ukuthi balande izinsiza edolobheni laseMgungundlovu. Uthi iningi lemindeni lihlala ngokugqagqana futhi iningi ngabazukulu abahlala nogogo nomkhulu okwenza kube nzima ukuthi bafinyelele emadolobheni akude. UDlamini uthi yize iMpendle kuyidolobha elincane kodwa lisondele emakhaya futhi nezinto azimbi eqolo njengakwamanye amadolobha amakhulu.
Abanye abantu babanenkinga yemali yokugibela nokwenza ukuthi inhlangano yabo ivolontiye ukuthunywa edolobheni. "UMnuz Khulekani Kunene weGift of the Givers, uxhumane nathi bafaka isandla. Sizolethelwa ukudla okuzosiza ogogo nomkhulu nezintandane. Lokhu kuyinhlasi yethemba ngoba siyehla, siyenyuka sizamela umphakathi usizo ngenxa yesimo esingesihle," kusho uDlamini.