KULIQINISO elingephikiswe ukuthi kubantu osebenza nabo bakhona abazogxeka umsebenzi owenzayo ngoba ungowesifazane.
Lokho kushiwo uNkk Babongile Chiliza- Mnyandu oyiChief Fanancial Officer (CFO) esikhungweni esiphakela umphakathi ngamanzi, uMhlathuze Water.
UNkk Chiliza- Mnyandu unezinyanga ezintathu eqokelwe kulesi sikhundla, aqale waba yibamba kuso kusukela ngoDisemba nyakenye.
“Yize sebekhona abesifazane abasezikhundleni eziphezulu kodwa lokho akusho ukuthi bonke abantu bayahambisana nokuthi banikwe ithuba, kusekhona abantu abathile ababheka ubulili bakho ngaphambi kokuthi babheke umsebebenzi owenzayo. Abanye bathi bengakezwa nokuthi zithini izinhlelo zakho, uzwe kuthiwa ngeke bezwe ngawe, ngoba sekunesikhathi bekuleyo nkampani noma isikhungo, wena uyafika okusho ukuthi wena awazi lutho, kanti akunjalo. Kungenzeka ukuthi banolwazi ngenkampani noma isikhungo kodwa ubuchule bokuphatha abanabo yingakho kuqokwe omunye umuntu abe kuleso sikhundla,” kusho yena.
UNkk Chiliza-Mnyandu uthe ukugxekwa ngenxa yobulili ukushaya indiva.
Umsebenzi wakhe uthe ngukwenza isiqiniseko sokuthi lesi sikhungo siyayilandela imigomo ebekwe uhulumeni yokuphakela abantu amanzi angabizi kakhulu, yokuphathwa kwezimali kodwa futhi senza inzuzo ngoba ayikho imali yoxhaso esiyitholayo ukuze senze izinhlelo zaso.
“Kumele ngiqhamuke nezinhlelo zokuthi lesi sikhungo sizokwenza kanjani ukuthi lezi zinto zombili zenzeke kodwa kungephulwa imigomo. Akumele kube nabantu abangawatholi amanzi ngenxa yokuthi aseyabiza ngoba umgomo kahulumeni uthi zonke izakhamizi zakuleli kumele ziwathole amanzi. Lesi sikhungo sinezinhlelo ezenziwa minyaka yonke, kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ikhona imali yokuthi lezo zinhlelo zenziwe. Kumele ngenze isiqiniseko sokuthi kulandelwa imigomo eyiyo uma kuthengwa izimpahla,” kusho yena.
Uthe elinye lamasu awasebenzisayo aqinisekisa ukuthi zonke izakhamizi zaseMhlathuze ziyawathola amanzi, ukunxenxa izimboni ukuthi zixhase abantu abantulayo ngemali ethile ukuze abangakwazi ukukhokhela amanzi, bawathole mahhala.
“Akuyona into elula ukufinyelela kuleso sivumelwano njengoba izinkampani eziningi zinezinhlelo zokonga imali, kwezinye izikhathi nazo zisuke zikhala ngokuthi azisayenzi inzuzo, kwesinye isikhathi kube ukwehla kwamandla eRandi uma eqhathaniswa neDollar,” kusho uNkk Chiliza-Mnyandu.
UNkk Chiliza-Mnyandu uthe nakuba ayengakuhlelile ukuthi uyogcina eyisikhulu esinabantu ababalelwa ku-35 abasebenza ngaphansi kwaso, ayekwazi ukuthi ukuthi izibalo akazesabi.
Esengumfundi uthi zazingamjulikisi yingakho kwaba lula ukuthi ayokwenza izifundo zeBcom Accounting neHonours yayo iBcom Accounting, eNyuvesi yaNatal, esibizwa ngeNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Wathola uqeqesho msebenzi kwaDeloitte okuyinkampani ecwaninga amabhuku, ophikweni lwayo oluseThekwini, ePitoli ngaphambi kokuthi ayosebenza ehhovisi eliseNew York iminyaka emithathu.
Uthe yize engumuntu ohlale ematasatasa, akakhohlwa ukunakekela izingane zakhe ezimbili, umfana oneminyaka ewu-13 nentombazane eneminyaka ewu-10.