IMEYA yakuMasipala iBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, idonse abafundi ngezindlebe ngomkhuba wokuthanda ubumnandi baze bakhohlwe yinhloso yokuba semanyuvesi .
UKhumalo usho lokhu ngesikhathi kuhalaliselwa abafundi abaphase ngamalengiso izivivinyo zika-matric ezikoleni ezingaphansi kukaMasipala iBig 5 Hlabisa.
“Ithuba lokufunda liyafika, lidlule bese usala nesikweletu enhlizweni yakho. Siyanxusa ukuba ngaso sonke isikhathi ukuthi ufunde, uqikelele uphinde ukhumbule isimo osishiye ekhaya,” kuphetha uKhumalo.
UMengameli we-IFP futhi ongungqongqoshe womNyango wezokuBusa ngokuBambisana kuzwelonke, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uhalalisele uKhumalo noMnyango wezeMfundo njengoba abafundi abangaphezulu kuka-8000 bethole imiphumela ebenza bayoqhuba izifundo zabo nasemanyuvesi.
UHlabisa,odabuka kulesi sifunda, uthe ukholwa ukuthi laba bafundi bazobuya emakhaya emuva kokuphothula iziqu zabo sebezothuthukisa izindawo zasemakhaya.
Izikole ezingaphansi koMkhanyakude ziphase ngo- 100% kanti uMkhandlu iBig 5 Hlabisa unikele ngama- vawusha abiza uR10 000 kumfundi ngamunye.
UHlabisa uqhakambise iqhaza elibanjwa abantu besifazane emakhaya emuva kokuphumelela empilweni.
UHlabisa uthe noma ungahamba izwe uliqede, umuzi onezingane ezingafundile ugqama njengembuzi emhlophe endaweni eyihlungu.
“Kodwa emphakathini onezingane ezifundile awubuzi , izakhiwo uzibona udlula ukuthi ikhona ingane efundile. Izingane ezifundile azizigqaji ngemixhaso eyakhiwe emakubo. Yingakho zizinikela ekwakheni,” kusho uHlabisa.
Eqhuba uHlabisa uthe amantombazane yiwo ahamba phambili ekuqinisekiseni ukuthi avuse ikhaya.
“Amantombazane awaqali ngokuthenga imoto, uma ethola umsebenzi kodwa abafana bagijimela zona.”
Omunye wabazali, uMnuz Thokozani Mbatha uthe indodana yakhe ibihlezi iyingane ezimisela kakhulu ezifundweni zayo.
“Ngiyakujabulela ukusebenza ngokuzikhandla kukaThabani nokubayingane elalelayo kanti nami futhi bengimvusa. Njengoba ngizommela lapha namuhla yingoba yena useCape Town eNyuvesi yaseStellebosch lapho ayokwenza khona izifundo zakhe zobudokotela,” kusho uMbatha.