ZININGI izimbangela zokuphalaza okungapheli. Kokunye kungaba yizinso esezikhathele, kokunye kuhambisane nebhalansi yokusaswayi egazini nasemzimbeni.
Namhlanje ngifisa sibuke amafutha aphembeka esibindini ebangwa ukudla okunoshukela, ukudla okuphehlekile (processed), utshwala nokudla emuva kwehora lesikhombisa lapho umzimba usulele.
Akekho umuntu othanda ukubona omunye ephalaza, ikakhulu uma kuzoba undendende lwamasonto nezinyanga, kube ukungena nje kokudla sekuyaphuma kuphalazwe.
Kwabaningi bakuzwa ngephunga kuseza lapha kude. Okuba buhlungu kubantu bakithi ukuhlushwa ukuphalaza okungamiyo ekubeni ingazeki imbangela, kuhlale njalo kucatshangelwa izilonda eziba sesiswini nasethunjini elincane, balashwe lezi zilonda abazibiza ngokuthi ngama-ulcer kodwa lutho ubungcono, ukugula kuye phambili ukuphalaza kuqonge.
Isikhathi esiningi unele ungakufaka okudliwayo kubuye ngaso leso sikhathi okanye kuthi ukulinda kwabanye. Abaningi baze bathi kubuya ngisho amanzi obuwaphuzile.
Baningi abantu esengihlangane nabo bekhala ezimathonsi ngalobu buhlungu nokuphalaza okungapheli. Ngiyafisa ukucacisa ukuthi abagulayo abafika kithina kusuke kungabantu asebehluleke ezindaweni ezahlukene bephuma bengena. Abaningi beza ngoba beyalelwe ngabanye, ingcosana kuba yileyo esuke izozizamela, izithathela ishansi, mhlawumbe ngokufunda ephepheni.
Ukugula okunje ngiyakwehlukanisa ngale ndlela: Uma umlando wakho uthi sekukudala uphuma ungena bekutshela bethi unalezi zilonda abazibiza ngokuthi ngama-ulcer kodwa ungasizakali, ngisuke sengazi vele ukuthi akuwona ngoba isifo esibangwa yilezi zilonda akupheli isikhathi eside singalungiseki.
Empeleni akudluli ezinsukwini ezilishumi uma kuyizona izilonda futhi uphuze imishanguzo eqondene. Isikhathi esiningi abantu basuke belashwa okungekhona, yingakho uyaye uthole isifo sibhebhetheka siya phambili nokuphalaza kume ngenhla.
Ngiyaphinda ngithi isifo esibangwa yilezi zilonda akupheli maviki ungabanga ngcono uma kuyisona. Okuyaye kwenzeke abantu belokhu bephalaza bengadli ngisho ukudla kungangeni, basuke behlushwa usinyaka, hhayi lesi sifo esithanda ukusibiza sithi ngama-ulcer.
Usinyaka yingxenye yomzimba eyisitho, elapha eduze kwesisu, isibindi, namathumbu amancane ngokwakheka. Imisebenzi kasinyaka egqamile; ukulawula ushukela ongena egazini ngokuwuqoqa emuva kokukhiqiza ikhemikhali okuthiwa yi-insulin, uthathwe uyofakwa ngaphakathi ezinhlayiyaneni okuthiwa ngama-cells ayizakhi zemizimba yethu.
Omunye umsebenzi ophambili wawo usinyaka ukukhiqiza izinhlobonhlobo zamakhemikhali anomsebenzi wokugaya ukudla ukuze kukwazi ukumuncwa kungene ngaphakathi ezingxenyeni zomzimba kuze kuyofika esibindini.
Ngiyafisa ukuphinde ngicele sibukisane ukuthi usinyaka ndini usuke usubangelwa yini ukuthi ugule. Impendulo ithi okuhamba phambili ekulimazeni usinyaka ngamakhemikhali aphehlwa yisibindi esixhoxha amafutha esithi ngolwini lwakhona yi-fatty liver disease. La makhemikhali akhishwa yilesi sibindi agijima ayoshisa usinyaka, bese eyavuvukala naye aziphindisele ezama ukuzilwela. Kuba lapha sezibambene, kube ngongaphansi nongaphezulu lapho othola khona sekulimala izindawana zokulawula ushukela, agcine umuntu sekuthiwa unesifo sikashukela.
Yingakho lapha ekhaya sikugcizelela ukuthi isifo sikashukela siyelapheka, ogulayo simelapha aphume aphele emaphilisini nasemijoveni, inqobo nje uma ezohlukana nembangela yala mafutha asesibindini okuwushukela nakho konke okunoshukela, okunofulawa namakhekhe, bonke ojusi, konke ukudla okuphehliwe (processed), kanye nolamthuthu.
Hhawu bakithi saze safa isizwe sakithi sibulawa ukudla! Kimi lokhu yinhlamba empeleni, kusho ukungazithandi okuphindiwe.
Yini engangenza ngiqome ukuvaleka amehlo, ukushaywa yi-stroke, ukunqanyulwa imilenze, ukunxashelwa yinduku ize inciphe, ukuphelelwa ukuhalela ucansi uma ungowesimame, abanye nabo abavukelwa, abanye abasafiki kuvuthondaba, konke ngenxa yokuvuma silawulwe ukudla esikwaziyo ukuthi kuyingozi?
Ezinsukwini ezedlule bengilalise esibhedlela sethu insizwa kwaphinde kwaba nentokazi abese behambe baze behluleka ngenxa yobuhlungu besisu nokuphalaza. Ukudla bekungasangeni, isikhathi eside. Kubo bobabili akuthathanga isikhathi esedlule osukwini ukuthi siqede ngalokhu kuphalaza, baqala badla ngokukhululeka.
Esikwenzayo ukwelapha imbangela okungumsusa wesifo. Namhlanje silalise insizwa yaseThekwini ebisigule ngobuhlungu besisu iminyaka, kungasasebenzeki. Nakuyena akuphelanga usuku selapha imbangela, zaphela izinhlungu.
Akukho okuyodlula ukwelapha umsuka wezifo, isikhathi esiningi okuyisibindi esigcwele amafutha ayingozi abulalayo. Abantu bakithi abafuni ukwelapha la mafutha, ngisho usubachazela kangakanani.
Ngeshwa bazohamba emhlabeni singekho isidingo ngenxa yamafutha asesibindini alokhu ephehla lezi zifo eziyisishiyagalombili esake sakhuluma ngazo kabanzi.
Emazweni abusayo, la mafutha ayimbangela enkulu yokuhlinzwa ufakelwe isibindi ebantwini futhi lokhu sekukhule ngesivinini esikhulu. Empeleni sekuyiyona mbangela ehamba phambili yokuhlinzwa.
Lapha kwelakithi ngenxa yezimali abantu bakithi bayafa ngenxa yala mafutha, izindleko zokuhlinza zishaya zephuke. Esikwaziyo ukukwelapha ngemishanguzo engena ema-driphini izinsuku eziyisithupha kuphela.
Ekugcineni kukimi nawe ukuzithathela ummango oya phambili. Ungaqhubeka nokudla okuwushevu, ungaqhubeka wale ukwelashwa isibindi ngendlela efanele. Ohlaba eyakhe akaphikiswa.
Mpilonde!