UNDUNANKULU KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uzwakalise ukukhathazeka ngobuningi bezikole ezikhahlanyezwe yizikhukhula esifundazweni.
Zibalelwa ku-59 izikole ezikhahlamezekile ezindaweni ezehlukene emvuleni ene ngoDisemba, nyakenye, ebonakala isaqhubeka.
UNkk Dube-Ncube uthe ezingu-28 kulesi sibalo, zisesifundeni uMkhanyakude.
Nokho uthe ukuzama ukubhekana nalesi simo uhulumeni uhambisile amakilasi angomahamba-nendlwana abalelwa ku-200 ukuze ukufunda nokufundisa kuqhubeke.
Uthe ukuphepha kothisha nabafundi kufanele kubekwe eqhulwini, wakushayela ihlombe ukuthi uMnyango wezeMfundo okhiphe umyalelo wokuthi zisheshe zidedelwe izingane ziye emakhaya uma kubonakala ukuthi izulu alilihle.
Unxuse abantu abahlala ezindaweni ezehlelayo nalezo ezivame ukukhahlanyezwa yizikhukhula ukuthi bazithathele phezulu izexwayiso ezisuke zikhishwa abeSouth African Weather Service (SAWS) kanjalo noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Ubuye wathi banxusa nabashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela, banganqamuli emabhulohweni amafishane nasemifuleni engenisile.
Isolezwe like labika kaningi ngabantu abamuke nezimoto ezindaweni ezehlukene njengoba kuqhubeka imvula enamandla.
Esigamekweni sakamumva, kumuke umndeni wabathathu bakwaHlongwane eBergville. Laba bagcina ukubonwa ngoDisemba 31, belibangise eVryheid. Izidumbu zabo zitholwe ngoMgqibelo odlule, zivaleleke emotweni ababehamba ngayo ngasemgwaqweni uN11 eMnambithi. Kusolwa ukuthi bamuka namanzi ngesikhathi kunezikhukhula.
Kwesinye isigameko, naso esenzeke ngoDisemba 31, kwashona abathathu abayizihlobo emva kokuthi imoto ababehamba ngayo yamuka nomfula uMsunduzi eMgungundlovu. Izidumbu zababili zatholakala ngakusasa, kanti esokugcina sitholwe ngasekuqaleni kukaJanuwari.
UNkk Dube-Ncube ushayele ihlombe amathimba ezinhlekelele atshalwe ezindaweni ezehlukene emphakathini ukuqapha isimo nokunikezela ngosizo lapho ludingeka khona ngesikhathi kuhlasela imvula.