INHLOKO yebandla laseZayoni, uMusa wamaKhrestu, uMbhishobhi Sithembiso Shabalala, ukhuza isihlava sokucwiywa kwabantu.
UMfu Shabalala onguShansela wesikhungo uMhlabuhlangene School of African Medicine, uthi kumele kusukunywe kuliwe naso lesi sihlava sokucwiywa kwezicubu zabantu.
Namhlanje eSoshanguve, lesi sikhungo sizobe sigqokisa abefundisi abafunde bagogoda ezifundweni zezenkolo.
Khona namhlanje, isikhungo sizophinde sigubhe usuku olukhulu lokuzalwa kukaCardinal Bishop Wellington Phathiswe Mathlothloe ongusihlalo wesikhungo i-Interdenominational School of Theology and Projects International.
“Ngeke ungitshele ukuthi uyalapha ekubeni ucwiya izicubu zabantu. Lona ngumkhuba ongemuhle okumele uphele nje nya. Kumele sonke sisukume sime ngezinyawo siwunqobe lo mkhuba ongumuhle,’’ kusho yena.
UShabalala uveze ukuthi uMhlabuhlangene uvele usembhidlangweni wokuxwayisa imiphikathi eyehlukene ngalesi sihlava akhale ngokuthi sithunaza kakhulu isithunzi sabefundisi nabelaphi bendabuko.
Uthe ukholwa ukuthi lesi yisimo singanqandeka inqobo nje uma kungaba nemikhankaso yokusikhuza.
UShabalala ukhulume nangokubaluleka kokuvikeleka kwabantu abanebala elimhlophe abakhona ezweni lonke.
“Kumqoka kakhulu ukuthi abantu abaphila nebala elimhlophe bavikeleke ngendlela efanele,’’usho kanjena.
Ukhulume nangoqeqesho olunzulu athe balunikeza abefundisi ukuze bafundiseke kahle ngokubaluleka kokuhola amabandla ngendlela efanele. UShabalala ukuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokufundiseka kwabaholi bezenkolo ngezindlela ezahlukene.
Lokho uthi nasemabandleni abakuwona kwenza ukuthi izinto zibe lula kakhulu.