UMSAKAZO uKhozi FM, ucacisa ngokunyamalala kukaBheka “Beekay" Mchunu (osesithombeni), onqamuke izolo emini esakaza uhlelo iSigiya Ngengoma, kwagcina sekuzwakala uMroza Buthelezi.
Izolo bese kusabalele izinsolo zokuthi uBeekay kungenzeka ukuthi uphinde wahlatshwa wukugula esemoyeni kwaphoqa ukuthi aphume. Uluqalile uhlelo njengenjwayelo kodwa wanqamuka phakathi nalo kwaqhubeka uzakwabo uMroza. Ukunqamuka kukaBeekay kwethuse abaningi ababelalele uhlelo ababhale ezinkundleni zokuxhumana bekhathazekile ngokuthi kwenzekani.
Isolezwe ngeSonto selike labika izikhathi eziningi ngokugula okuthiwa kuvele kuxine umsakazi esemoyeni kuze kuphoqeleke ukuthi aphume kungene omunye uzakwabo. Ukugula kukaBeekay akuveli ukuthi kuyini njengoba kumxina uma esakaza. Omunye wabalaleli ozibiza ngoNkanyiso kuTwitter ubhalile ekhala ngokuthi uBeekay uzwakala sengathi uphelelwa wumoya esakaza ohlelweni lwayizolo.
“Bakwethu kwenzakalani ngoBK Mchunu emsakazweni nakhu ephefumula samuntu ophelelwa wumoya emsakazweni,’’ kusho umlaleli. Omunye ozibiza ngoBhutikaSisterBettina, uthe ubethi umuzwa yedwa. Ukhona omunye ozibiza ngoSimphiwe Last Born Khuba kuFacebook ekhasini Abathandi BakaMaskandi, othe ubona sengathi koba yinhlanhla uBK eluqedile uhlelo.
Udaba lwakhe lube yindaba egudwini ezinkundleni zokuxhumana abantu befuna izimpendulo. Okhulumela iSABC uGugu Ntuli, uthe umsakazo Ukhozi FM, ubusakazela eMzumbe, kuyokwethulwa umkhankaso wokulwa nokuhlunyezwa ngokobulili.
“I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi Ukhozi belunomkhankaso kuMasipala uMzumbe, luhambisana noNdunankulu waKwaZuluNatal, uNkk Nomusa Dube Ncube, nokulapho bekwethulwa khona iGBV 365 ngoba sikholwa wukuthi udlame lobulili ngeke luqedwe ngezinsuku ezingu-16 kodwa kufanele kuliwe nalo nsukuzonke. Njengengxenye yohlelo uMroza ube esethatha izintambo waba nengxoxo noNdunankulu ohlelweni lukaBeekay iSigiya Ngengoma, uqhubekile nengxoxo neMenenja yoKhozi FM ohlelweni iTop 20,’’ kuchaza uGugu Ntuli.
UBeekay ushayelwe ucingo wangalubamba, wathunyelelwa umyalezo ongaphendulwanga nawo.