USOLA isandla semfene uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal uMfu Musa Zondi, ngemizamo yokuvala ibhange Ithala Development Finance Corporation Limited.
UZondi ukhombe ngenjumbane uhulumeni kazwelonke esebenzisana neBhange loMbuso iReserve Bank, ngokuthi yibona abahamba phambili ekuvaleni leli bhange.
Usola ukuthi inhloso wukuthatha wonke amakhasimende abalelwa ku-257 000, aleli bhange ayiswe kwamanye amabhange.
“Akuqali ukuthi iBhange loMbuso lizame ukusikaza ngejozi lifune kuvalwe Ithala ngoba lake lazama kodwa lahluleka ngoDisemba nyakenye. Lachithwa yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kanti manje angazi ukuthi imaphi amaphuzu abazobuya nawo ukuze isicelo sabo siphumelele. Sizolwa kuze kube sekugcineni ukuthi leli bhange elasungulwa nguMntwana waKwaPhindangene, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, eminyakeni engu-60 edlule, lingavalwa,” kusho uZondi.
Ukusho lokhu esitatimendeni asikhiphele abezindaba nasenkulumeni ayenze nesinye seziteshi zomsakazo esifundazweni ngempelasonto njengoba iBhange loMbuso limemezele ukuthi liye eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lifuna kuvalwe Ithala.
UZondi uthe abantu abafuna livalwe leli bhange bayalilobizela.
“Lolu daba silukhulume kakhulu noMengameli Cyril Ramaphosa eze embizweni esifundazweni ukuthi kuzosha izwe uma kungukuthi liyavalwa, wathi asimnike isikhathi ngoba udaba wayengalwazi,” kusho uZondi.
Uthe umuntu onempethu ofaka unyawo lwedada obhekele ukuthi umphakathi ukhokheleke imali yawo (Repayment Administrator), owabekwa yiBhange loMbuso.
Uveze ukuthi kukaningi eya enkantolo kodwa ekhala ngaphansi.
“Ngiyabona manje ukuthi ikhona into emshisayo, njengoba efuna livalwe. Bakhona nabanye abantu abahlala kwezinye izifundazwe abasebenzisa leli bhange. Luzoya ezithebeni zenkantolo lolu daba ngoLwesihlanu ngoba siyaphikisana nalesi sinyathelo,” kusho uZondi.
Uthe imali yabantu abasebenzisa Ithala iphephile.
“Kube nokuphazamiseka kwemishini yaseThala, kodwa imali iphephile. Ayikho imali edliwayo kuleli bhange. Kukhohliswa umphakathi ngokuthi kudliwa imali ngoba yilona lodwa ibhange labantu abamnyama eliphilayo. Kukhona izikhondlakhondla zamabhange abamhlophe ezifuna ukuphuca Ithala amakhasimende,” kuqhuba uZondi.
NabeThala bathembise ukuthi bazokhipha wonke amangwevu ukuzivikela ekuvalweni kokusebenza kwalo.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ubhoka uyakhahlela uthi uhulumeni wesifundazwe kumele uyisukumele ngokushesha le ndaba.
Uthe leli bhange lasungulelwa ukubhekela abantu abahlwempu wathi ukulivala kufana nokudelela abantu abamnyama.
“Sizokuvikela ukuvalwa kwaleli bhange. Uma befuna siye emgwaqweni yilokho esiyokwenza,” kusho uHlengwa.