UKUSHAYELE ihlombe ukuqokwa kukaKhomishana omusha wamaphoyisa KwaZulu-Natal uNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa umphakathi esifundazweni uMnuz Mxolisi Kaunda.
UNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele umemezele ukuqokwa kukaLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi njengoKhomishana omusha wamaphoyisa kulesi sifundazwe ngoMsombuluko. UMkhwanazi ubeyibamba kulesi sikhundla kusuka ngoMeyi nonyaka.
UMkhwanazi wathatha izintambo kuMajor General Bheki Langa owayebambe izintambo ngemuva kokumiswa kowayengukhomishana uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni, ogcine esulile ngenyanga edlule.
UKaunda uhalalisele uMkhwanazi ngokuqokelwa kulesi sikhundla athe sibucayi.
“Siyajabula ukuthola umuntu onamava azosiza ekulweni nobugebengu esifundazweni. Sisebenze kahle noMkhwanazi ezinyangeni eziyisithupha ebambile ukuqinisekisa ukuthi sifaka amasu okulwa nobugebengu,” kusho uKaunda.
Uthe uMkhwanazi ubambe elikhulu iqhaza empumelelweni yengqungquthela ebibheka ubugebengu esifundazweni.
“Ngiyazi uzoqhubeka aqinisekise ukuthi izinqumo ezaphuma engqungqutheleni ziyenzeka. Siyabonga nakuNgqongqoshe wamaphoyisa ngokuthi aqoke umuntu ozosebenza ngokugcwele kwesikakhomishana ukulwa nobugebengu,” kusho uKaunda.
UMnuz Richard Mamabolo, okhulumela iPopcru, ukwamukele ukuqokwa kukaMkhwanazi wathi kuzoletha uzinzo ekulweni nobugebengu esifundazweni.
Uthe ukuqokwa komuntu ozosebenza ngokugcwele kuzomenza ukuthi akwazi ukuthatha izinqumo ezingujuqu ngoba uzobe engabambile.
UNkk Nesi Mdletshe, okhulumela iSouth African Police Union (Sapu), uthe bazophawula kahle uma sebethole incwadi evela kuKhomishana kazwelonke wamaphoyisa mayelana nokuqokwa kukaMkhwanazi.
“Okwamanje silinde incwadi evela kuKhomishana, basithembise ukuthi izofika kusasa (namhlanje) bese sikwazi ukuphawula kahle ngokuqokwa kukaMkhwanazi,” kusho uNkk Mdletshe.
UMkhwanazi uke waba yibamba likakhomishana wamaphoyisa kuzwelonke.