SITHEMBISE ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukuphemba ubudlelwano nezwe iMelika, isithunywa esiyisipesheli sikaMengameli Cyril Ramaphosa, kuleliya lizwe uMnuz Mcebisi Jonas.
URamaphosa ujube uJonas ukuthi ayommela aphinde aphembe ubudlelwano neMelika.
Izolo uJonas emuva kokuqokwa, uthe: "Ngibonga uMengameli ngokungethemba ukuthi ngilungise ubudlelwano neMelika. Ngizokwenza konke okusemandleni ukulungisa lobu budlelwano."
Uthe uyazi kuzoba nobunzima kulo msebenzi emuva kwezinto ezenzekile.
Unxuse abantu bakuleli ukuthi babekezele bamnike isikhathi sokuthi enze umsebenzi wakhe.
UJonas owayeyiphini likangqongqoshe eMnyangweni wezeziMali, uzobika ngqo kuRamaphosa.
Uzosebenzisana noNgqongqoshe wezoBudlelwano namazwe oMhlaba, uMnuz Ronald Lamola kanjalo nabanye, emuva kokuxoshwa kowayeyinxusa laseMelika, uMnuz Ebrahim Rasool.
Okhulumela uMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, uthe uJonas akalona inxusa laseMelika ngakho akavali isikhala sikaRasool.
Uveze ukuthi uzomela uMengameli ezintweni ezithinta iMelika.
Uthe uzobhekana nezinto ezithile ezithinta uhwebo, ahole nezingxoxo nohulumeni waseMelika.
"Uzogqugquzela ukuthi kube nokubuyisana neMelika, ahole izingxoxo ezithinta uhwebo nezinye. Uzobeka izinto ezithinta elakuleli phambili eMelika," usho kanje.
Uthe banethemba lokuthi kuzoba nokubuyisana phakathi kwelakuleli nelaseMelika.
"Ujutshelwa kulo msebenzi nje, isimo sishubile phakathi kweNingizimu Afrika nelaseMelika. URamaphosa ukhathazekile ngezinselelo ezikhona ezithinta ubudlelwano neMelika, yingakho kunethemba ngokujutshwa kukaJonas."
UMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, uhlale egxeka elakuleli ngomthetho ethinta ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, ethi uhlose ukudla umhlaba wabamhlophe ngaphandle kokubakhokhela.
Lokhu kwenze wahoxisa uxhaso oluthinta ezempilo kuleli.
UJonas wayejutshelwe ukuba ngabanye abahlwaya uxhaso kuleli ngo-2018.
UMagwenya uthe uJonas unamava kwezomnotho njengoba ayeyiphini likangqongqoshe wezeziMali, kanti uyingxenye yeMTN Group.
Ezinkundleni zokuxhumana bayakuncoma ukuqokwa kukaJonas ezintweni ezithinta iMelika.
UJonas wabamba isikhundla sokuba yiphini likangqongqoshe emnyangweni wezeziMali kusuka ngo-2014 kuya ku-2016.
Wazalelwa e-Eastern Cape, waqala ukugqama esasesiShayamthetho sakulesi sifundazwe, wajoyina iPhalamende ngo-2014. Waxoshwa ngowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ngo-2017, wase engena emabhizinisini.