UMLINGISI waKwaMashu, uBrenda Mhlongo uthi liyafezeka iphupho lakhe lokugxila emidlalweni yethelevishini okuyiyona into athi wayiyekela ukulingisa imidlalo yasesiteji phesheya kwezilwandle.
UBrenda ukusho lokhu njengoba engomunye wabalingisi abasha abajoyina umdlalo iThe Queen.
Kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic(161) ngo-9, ebusuku phakathi nesonto, uBrenda uzobe elingisa indawo kaZodwa ongunina kaShaka (SK Khoza).
Ekhuluma neSolezwe uthe, ujabule ukuthola leli thuba njengoba ezochitha isikhathi eside kulo mdlalo.
“Uyazi injabulo enginayo angazi nokuthi ngingayifanisa nani. Ngihlangane nabantu abakhululeke ngendlela eyisimanga kulo mdlalo okwenze izinto zaba lula njengoba uvalo kithina sonke luhlale lukhona uma ujoyina umndeni omusha uyosebenza nawo. Kumnandi ukuba yingxenye yalo mdlalo futhi sisebenza kahle njengoba uma sekusetshenzwa kuhlekwa siphinde sidlale okwenza kube mnandi,” kuchaza uBrenda.
Uthe le ndawo eyake yalingiswa nguSlindile Nodangala, abantu bazobona owesifazane ohlukile kakhulu.
“Kuningi abantu abazokubona kule ndawo engizoyilingisa, ngeke ngande ngamaningi kodwa nje owesifazane ohluke kakhulu ezintwei azenzayo, uyena enizombona kuZodwa,” kuchaza uBrenda.
Uthe ngo-2012 washiya enkampanini yakwaDisney esefuna ukugxila ekulingiseni emidlalweni yethelevishini, okuyinto esiyenzeka manje.
“Yize kungenzekanga ngokushesha ngendlela engangicabanga ngayo kodwa ngoNkulunkulu ngingenayo imenenja ngayithola indawo kwiGenerations namanje buka sengikuphi,” kuchaza lo mlingisi.
UBrenda akuyena kuphela ozojoyina lo mdlalo njengoba nomlingisi owazakhela igama kuMuvhango uSenzo Radebe ezoqala ngayo inyanga ezayo ozobe elingisa indawo kaKop.
Omunye futhi umlingisi ozobonakala kulo mdlalo uSipho Ndlovu ozobe elingisa indawo kaSixteen.