INDLUNKULU kaZulu isikuqinisekisile ukuthi kukhona ingoduso entsha yenkosi esibayeni, ochazwe njengongaba uNdlunkulu wesizwe samaZulu.
UMntwana uSihle Mdluli ungowasebukhosini bakwaMdluli eMpumalanga, kuthiwa useminyakeni yo-20 ubudala futhi usechitha isonto lakhe lesibili kwesinye sezigodlo zenkosi enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal. Ukuba khona kwakhe kuqinisekiswe ngobemele iSilo uMntwana uGumbela Zulu, othe lo wesifazane wethulwe ngokusemthethweni kuyena namanye amalungu omndeni wasebukhosini.
“Yebo, okwamanje usesibayeni sobukhosi silinde iSilo ukuthi sisinikeze umkhombandlela wokuthi ngabe uyena yini umama wesizwe. Kumele ukhumbule ukuthi njengoba iSilo sikwazi ukuganwa ngamakhosikazi amaningi, omunye wabo kumele kube ngumama wesizwe ozozala indlalifa, njengoba kwenzeka kusona futhi ilobolo layo kumele likhokhwe yisizwe samaZulu. Uma iSilo noNdlunkulu sebezigculisekile ukuthi ukufanele ukwenza lokho, izobe isicela mina noma undunankulu wayo ukuthi acele amagalelo ezizweni zakhe ukuze akhokhele ilobolo,” kusho uZulu.
Ngokwemithombo yomndeni wasendlunkulu uMntwana uSihle ubekhona ngesikhathi kunomcimbi wokugcina woMkhosi wokweShwama obungesonto eledlule esigodlweni esisha, eMashobeni.
Umthombo uthe ubephakathi kwequlu lezintokazi ezigqoke imvunulo yesiNdebele zidansa umdanso wesintu, uthe kodwa bambalwa abantu abamqaphelile. Umthombo uqhube wathi wethulwa eSilweni wumndeni wakubo ukuze akhe ubudlelwano nesizwe samaZulu.