KUMJABULISILE ukuboshwa kukamakhelwane wakhe obengaphandle ngoshwele onikwa iziboshwa uyise wentombazane eyadlwengulwa yabulawa ngoMeyi nonyaka kubo eMlaza.
UMnuz Mondli Ngcobo onguyise kaWandile Ngcobo (17), ubonge amaphoyisa ngomsebenzi wawo wathi umsolwa umuntu obehlala emzini ohlukaniswe wumgwaqo nowakhe.
Isidumbu sikaWandile, owayefunda uGrade 11 eDurban Girls Secondary, satholakala sinamanxena okugwazwa emzimbeni, siboshwe izandla savalwa umlomo nge-pentihose ngoLwesibili ngoMeyi 28 nonyaka.
Kwebiwa iTV ne-remote, idecoder neselula kamufi okusolakala ukuthi waqale wadlwengulwa.
Umsolwa oneminyaka ewu-39 uboshwe ngeSonto ekuseni esekubhaceni KwaShembe, eClermont.
Kuqale kwaboshwa indoda ena-25 eMalukazi ngoMgqibelo okuthiwa itholwe nefoni kamufi.
“Kungijabulisile ukuboshwa kwabasolwa ngoba le nto ibiyindida. Kwaqale kwasolwa umfana wami kodwa kwashintsha lokho. Kuyacaca ukuthi umsolwa wangigada ngahamba waseyongena ingane seyisele yodwa. Ngibonga amaphoyisa, asebenzile,” kusho uNgcobo.
UNgcobo uthe umsolwa uphuma esigwebeni seminyaka engu-15. Ugcine ukubonakala endaweni ngosuku lwesigameko sekusele iziqashi kubo.
Uthe akazi wayekade edonsa isigwebo saliphi icala umsolwa nokuthi hloboluni lempilo ayiphilayo.
UNgcobo uthe amaphoyisa aphenye naye uqobo, kwadingeka alethe ubufakazi obushoyo ukuthi wayengekho kwakhe ngesikhathi kwehla isigameko.
Ube esekhala ngamakhaza kahulumeni asePark Rynie ayegcine isidumbu sikaWandile asole ukuthi ayengasebenzi amafriji akhona.
“Ingane yami yafa kabili. Isidumbu sayo sasonakele sihanjwa izibungu amehlo eseshone phakathi. Asilethwanga nasemlindelweni ngendlela esase sonakele ngayo. Ngisifakile isimangalo ngahlinzeka nangobufakazi kubaphathi balendawo,” kubalisa uNgcobo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Brigadier Jay Naicker kulindeleke ukuthi abasolwa bavele enkantolo yeMantshi eMlaza. Umsolwa wesibili yena uthe uzovela kule nkantolo ngoLwesibili.
UNaicker uthe abaphenyi basebenze ubusuku nemini beqoqa ubufakazi.
“Uphenyo luholele ekuboshweni komsola ona-26 otholakale nefoni kamufi ngoMgqibelo eMalukazi. Kuphinde kwaboshwa umsolwa ona-39 ngesikabhadakazi ngeSonto KwaShembe, eClermont. Ubekwe icala lokudlwengula nelokubulala. Lo msolwa ubengaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa,” kusho uNaicker.