UNGQONGQOSHE wezabeSifazane, Abantu abasha, nabaphila nokuKhubazeka, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe umthetho omusha wokulwa nokuhlukunyezwa ngokobulili uwubufakazi bokuzimisela kukhalumeni ekutheni unqobe le mpi.
UDkt Dlamini Zuma usho lokhu ngesikhathi kusayinwa umthetho omusha wokusungulwa komkhandlu kazwelonke ozobhekana nokulwa nodlame lobulili. Umthetho usayinwe ezindlini zoMbuso ePitoli, emcimbini obuphethwe nguMengameli wezwe uCyril Ramaphosa.
UDkt Dlamini Zuma uthe kufanele kuphele ukuphila ngokwesaba kwabesifazane.
“ Lo mthetho uyisisekelo sokuqala sokwakha ikusasa elihle labesifazane nezingane. Kufanele singagcini nje ngokulwa nesihlava kodwa sisivimbe. Singakwenza lokhu uma sihlangene ngoba kufanele kuvikelwe zonke izakhamuzi,’’ kuphawula uDkt Dlamini Zuma.
Uqhube wathi kuwumthwalo wawo wonke umuntu ukweseka abantu abahlukunyeziwe futhi kuvinjwe lo mkhuba. Uthe abantu abahlukane nokuthula uma bebona imikhuba igilwa emphakathini.
URamaphosa osayine umthetho, uthe wathinteka kakhulu ngokukhala kwabesifazane bethi akusukunywe. Uthe uke wamenywa kwesinye isigcawu sokudingida amaqhinga okulwa nalo mhlolo nalapho kukhona owesifazane owakhumula wamkhombisa izibazi.
Uthe kulapho anquma khona ukuthi kukhona okufanele kwenziwe ukubhekana nenkinga yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.