UHULUMENI waKwaZulu-Natal usuqalile ukuthenga izinsizakusebenza ezizosatshalaliswa ezinhlakeni zomphakathi ezilwa nobugebengu ezindaweni ezehlukene.
Lokhu kushiwo nguNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, izolo enkundleni yezemidlalo iMpumalanga, eHammarsdale, eThekwini.
Ubethula ngokusemthethweni izinhlelo zokuphepha zesifundazwe njengoba kubhekwe emaholidini okuphela konyaka.
Uthe bathenge izimoto ezingu-95 ababethembise ukuthi bazozithengela amaCommunity Policing Forum (CPF) ezindaweni ezehlukene.
“Ukuze asize amaphoyisa alwe nobugebengu. Sibathengele nomfaniswano abazowugqoka, amathoshi okukhanyisa nezinye izinsiza,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Okunye athe bazonikezwa khona amafoni abazowasebenzisa, bafakelwe nophethroli ezimotweni ukuze bakwazi ukusiza amaphoyisa.
Ugqugquzele neminye imiphakathi ukuthi ibambisane namaphoyisa ukulwisana nobugebengu.
Uncome ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa okubonakala emikhankasweni yakamuva, lapho enza konke okusemandleni ukulwisana nobugebengu.
UNgqongqoshe wezokuThutha nezokuPhepha koMphakathi, uMnuz Sipho Hlomuka, unxuse amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa ukulwa nobugebengu.
“Izigebengu zihlala emiphakathini yethu. Ukulwa nobugebengu akuyona into yamaphoyisa wodwa kodwa ngeyethu sonke yingakho kufanele sibambisane,” kusho uHlomuka.
UMkhuzi wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe amaphoyisa azobe ematasa ngamaholidi.
“Sizongena ezindaweni zokucima ukoma sibheke ukuthi azikho yini izinto ezingekho emthethweni. Sizobe sikhona nasemgwaqweni sivimba izimoto, siziseshe, sibheke ukuthi azikho yini izinto ezingekho emthethweni,” kusho uMkhwanazi othe bazobe besabalele zonke izinkalo ngenhloso yokuphephisa umphakathi.
Uqhube wathi akuyona inhloso yamaphoyisa ukubona izigebengu zifa, wathi abakufunayo bona ukuthi zisondele nganeno ukuze zihambe ziyobhekana nengalo yomthetho.
Uthe okubakhathazayo ukuthi imigulukudu ehlupha umphakathi ngobugebengu yizingane ezisencane ezineminyaka eko-19 ezinezibhamu kanti bakhathazwa ukuthi abazali abakwazi ukuzilawula.
UMkhwanazi uthe uma ingane ifika igqoke izingubo zemali eshisiwe, ishayela imoto ibe ingasebenzi, abazali abakhuzi, ababuzi mibuzo kunalokho bayazeseka.
“Uma sifika sizobavundulula, kugcina kuba khona ukudubulana phakathi kwabo namaphoyisa. Kuba buhlungu uma usubabona befile ngoba usuke ubuka ukuthi lo muntu ubengaba ngumholi wakusasa.”