IZINHLAKA zikahulumeni eziqinisekisa ukuthi umphakathi udla ukudla okuphephile okusezingeni eliyilo zehlulekile ukwenza umsebenzi wazo.
Lokhu kushiwo izishoshovu zomphakathi kulandela izigameko zezingane ezigule ngemuva kokudla ukudla okunobuthi okuthengwe ezitolo zabantu bokufika kuleli.
Emasontweni amahlanu kufe izingane ezingu-11 zibulawa ukudla ukudla okunobuthi iningi lakho okungama-snacks athengwe ezitolo zabokufika.
UNksz Busi Seabe oyisishoshovu esibhekelele impilo nenhlalakahle yomphakathi, uthe izinhlaka zikahulumeni ezifana noMnyango wezeMpilo, Consumer Commission ne-South African Bereau of Standards (SABS) zehlulekile ukwenza umsebenzi wazo.
"Lezi zinhlaka zazisungulelwe ukuthi ziqiniseke ukuthi yonke imikhiqizo esetshenziswa umphakathi iphephile, abekho oqhibukhowe bemikhiqizo esabalele ezweni lonke engaziwa ukuthi ikhiqizwa ngobani, ukuqinisekisa ukuthi kuba nabahloli abahlola izitolo ukuthi zilandela yonke imigomo ebekiwe. Lesi simo esibhekene naso manje sisitshela ukuthi lezi zinhlaka zehlulekile. Kungani sinemikhiqizo eqhamuka emazweni athile eminye ekhiqizwa khona lapha kwelakithi engahloliwe kube kunezinhlaka zikahulumeni ezibheke lokho? Zenzani lezi zinhlaka?" kubuza uNksz Seabe.
Uqhube wathi ukube lezi zinhlaka ziyawenza umsebenzi wazo ngabe imikhiqizo eyingozi ayifinyeleli ezitolo, iyabanjwa. Uthe njengamanje iningi labantu lithi kumele iNingizimu Afrika imenyezelwe njengezwe elibhekene nenhlekelele noma kuvalwe zonke izitolo eziseduze.
UMnuz Bongani Mdluli naye oyisishoshovu samalungelo abantu eSoweto, uthe ngesikhathi kuhlolwa izitolo eSoweto, kutholakale imithi yokwelapha okumele ngabe itholakala emakhemisi kuphela idayisa kuzo lezi zitolo.
"Akucaci ukuthi lezi zitolo zigunyazwe ngubani ukuthi zidayise imithi esezigabeni ephezulu netholakala emakhemisi kuphela. Ngicabanga ukuthi nomphakathi kumele ufundiswe ukuthi kunemithi ongeke uyithenge ezitolo oyithola ekhemisi kuphelam,“ kusho yena.
UDkt Mvuyisi Mzukwa owusihlalo wehlangano yodokotela, i-South African Medical Association (SAMA), uthe inkinga yemithi edayisa ezipaza isezweni lonke.
“Kule mithi kukhona nengeyona, esiyonakele, egcinwe ngendlela engafanele, ukuyisebenzisa okungabeka engcupheni impilo yabantu. Abantu abangaqeqeshelwe ukuphatha imithi badayisa imithi. Siyejabula ukuthi isikhungo esilawula ukusetshenziswa kwemithi kuleli sesithintiwe ngemithi etholakele kodwa sithi uhlelo lokuhlola alwenziwe ezweni lonke. UMnyango wezeMpilo nezinhlaka ezifanele aziphakamise izinyawo ukuze kunqandwe ingozi,” kusho uMzukwa.