UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala
uthe uhulumeni kawukagudluki odabeni lokubuyiselwa komhlaba kubantu.Ukusho lokhu ekhuluma namakhulu entsha abevela komasipala abahlukene emhlanganweni wokucobelena ngolwazi kwezolimo, obizwa nge-Agriculture and Youth Indaba obuseDundee ngoLwesibili.
“Umhlaba sizowubuyisela kubantu ukuze kubuyiswe isithunzi somuntu omnyama.
“Uma umhlaba ubuyiswa kumele usetshenziselwe ukulima ukuze intsha ikwazi ukuziphilisa,” kusho uZikalala.
Uthe abantu abasha banawo amakhono kodwa abangakwazi ukuwasebenzisa ngoba bafunzwe inkolelo yokuthi imisebenzi engcono ngekwenza ungangcoli.
“Uhulumeni wobandlululo usifundise ukuthi imisebenzi engcono ngeyothisha noma ukuba ngabahlengikazi. Waveza isithombe sokuthi ukuba kwezolimo wumsebenzi ongcolisayo,” kuqhuba uZikalala.
Uthe embikweni wango-2013 okhishwe yiBhange loMhlaba, kuvele ukuthi umkhakha wezolimo ukhombise ukuthi yizona ezingaqasha izigidi zabantu abafuna umsebenzi ezwenikazi i-Afrika.
Uveze ukuthi intsha kumele ibambe iqhaza ekukhiqizeni umthunzi wezinkukhu
okuthiwa yikhambi elibalulekile lokwelapha.
Uthe wumkhiqizo odinga ukuthi abazibandakanya kuwo balandele imigudu efanele, bathole imvume eMnyangweni wezoLimo.
Uthe ikhona imali eyisibonelo sikahulumeni yokusiza intsha efisa ukugxila emkhakheni wensangu.
Uthe ibhange lakwa-Absa liyalekelela ukunika imali entsheni eqala amabhizinisi.
Uveze ukuthi isitolo sakwaSpar naso sinesivumelwano nohulumeni ukuthi intsha ekhiqiza ukudla ikuthumele kusona.