UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uhlengezele izinyembezi echaza ngemizamo yabathile ngaphakathi kuleli qembu yokuqeda ngaye kanjalo nangeqembu.
UMalema obethula inkulumo yokuvula ingqungquthela yaleli qembu eqhubeka eNasrec eGoli izolo, uthe leli qembu libhekene nengwadla yabantu abafuna ukuqeda ngalo.
Uthe noma kunzima kodwa uzoqhubeka ayibambe ishisa ngenxa kagogo wakhe ongasekho, okunguyena oyisibani esimkhanyiselayo ebunzimeni, simgqugquzele noma esefuna ukushiya phansi izinto, simqinise idolo.
“Ngeke baphumelele labo abazama ukuqeda nge-EFF nangami. Kunemizamo yokuqeda ngaleli qembu ngabantu abangaphakathi. Ngeke ngililahle ithawula, ngizoma nje ngingawudayisi umzabalazo ngoba ugogo wami ongasekho, nguyena ongenza ngiqine idolo,” kusho uMalema.
Ubonge nonkosikazi wakhe, athe sekuphele iminyaka engu-10, eme naye noma isimo sinzima.
Uveze ukuthi ngoDisemba 27 bazobe begubha iminyaka eyishumi, babophe elikasofasilahlane.
Ngesikhathi ekhuluma kanje, ubelokhu esula izinyembezi ngeduku njengoba izinyembezi beziziphumela.
Kule ngqungquthela yesithathu yaleli qembu kulindeleke ukuthi kukhethwe ubuholi obusha.
UMalema ukhale ngokuthi izingqungquthela zaleli qembu, zenzeka esikhathini esisuke sinzima.
“Engqungqutheleni yokuqala yango-2014, kwabulawa abavukuzi eMarikana, eNorth West. Nakule ngqungquthela ibanjwe emva kokhetho lwangoMeyi, lapho leli qembu lilahlekelwe ngukwesekwa okokuqala.”
Leli qembu libhekene nengwadla yokushiywa ngabaholi abaphezulu, abajoyine iqembu uMkhonto weSizwe, eliholwa owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
Abaholi asebeshiye leli qembu baya kwi-MK, kubalwa uMnuz Floyd Shivambu, owayeyiphini likaMalema, ummeli u-Advocate Dali Mpofu nowayenguMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
Isikhundla esibhekwe kakhulu ngomuntu ozosivala esikaShivambu, sephini likamengameli.
UDkt Mbuyiseni Ndlozi akabonakalanga nangokhalo kule ngqungquthela.
Ngaphambi kwengqungquthela bekunemibiko yokuthi uNdlozi uvaliwe ukuthi athamele le ngqungquthela.
UNdlozi kanjalo naleli qembu alikaze lithi vu ngendaba yalo mholi, okuvela ukuthi wayesondelene noShivambu.
UNobhala jikelele we-EFF uMnuz Marshall Dlamini, ekhuluma nabezindaba kule ngqungquthela, uthe ngeke bakhulume ngomuntu oyedwa (Ndlozi), kule ngqungquthela ekubeni emaningi amalungu ayihambele.
Uthe akubuzwe uNdlozi uqobo ngoba abakwazi ukukhuluma ngomuntu oyedwa nezizathu zakhe zokuthi angezi engqungqutheleni.
Namhlanje kulindeleke ukuthi kuphakanyiswe abasembangweni wezikhundla eziphezulu kule ngqungquthela.