I-JOHANNESBURG Stock Exchange (JSE) imhlawulise u-R500 000 uNksz Thabi Leoka owaqamba amanga ngeziqu zakhe.
UNksz Leoka ubebizwa ngo-Dkt Thabi Leoka oyisazi somnotho njengoba iningi labantu belazi ukuthi uneziqu azithola eNyuvesi yaphesheya i-London School of Economics kodwa le nyuvesi yaphika ukuthi wathola lezi ziqu.
I-JSE ithe kufanele ahlawule u-R500 000 ngokuqamba amanga ngeziqu zakhe, ibuye yammisa ukuba semabhodini ezinkampani ezihweba eJSE iminyaka emihlanu.
Esitatimendeni esikhishwe yi-JSE, ithe izamile ukukhuluma noNksz Leoka kusukela ngoJanuwari, ngesikhathi kuvela izinsolo zokuthi waqamba amanga ngeziqu zakhe.
Ithe ubelokhu eyiziba, engaphefuni ukuyilekelela ophenywe lwayo, yaveza ukuthi emuva kokuvela kwemibiko yokuthi uNksz Leoka uqambe amanga ngeziqu, yamcela ukuthi azoxoxa nayo ngalolu daba kodwa waziba.
Ubeyilungu lamabhodi ezinkampanni ezinkulu okubalwa i-Remgro, Anglo American Platinum, Netcare nezinye.
“UNksz Leoka uhlulekile wukusilethela ubufakazi obuphikisana nezinsolo ebezibikwa ngaye. Uphenyo lwe-JSE luthole ukuthi uphule imithetho elandelwa ngabasemabhodini ezinkampani ezihweba kuyo okubalwa u-Schedule 13, okubeka kucace ukuthi abantu akufanele baqambe amanga ngeziqu zabo,” kusho iJSE.
Ithe uNksz Leoka ubengenandaba nemibiko evele ngaye, akazange afune nokuziphendulela yize azi kahle ukuthi i-JSE nezinkampani ezihweba kuyo kufanele zithembeke emphakathini.
Kungenxa yalesi sizathu ehlawuliswe u-R500 000 futhi ezovinjwa ukuba semabhodini ezinkampani iminyaka emihlanu.