UJANUWARI uyinyanga ekhethekile ebandleni lamaNazaretha elaziwa kakhulu ngokuthi yikwaShembe.
Ngalesi sikhathi abaleli bandla basuke benohambo oluyingcwele lokuya entabeni.
Phambilini ibiyinye intaba amalungu aleli bandla abeya kuyo, okuyiNhlangakazi eseNdwedwe. Futhi bekukhonzwa kuyo uJanuwari wonke.
Ngokuhamba kweminyaka, nangokuqala kwezinxushunxushu kugcine sekusina kudedelwana, izinhlangothi ezehlukene sezenyuka iviki uhlangothi ngalunye, ngokwehlukana kwazo uze uphele uJanuwari.
Eminyakeni embalwa edlule, uhlangothi lwaseBuhleni, lwakhetha ukuphuma ibhodwe lalo, umholi wakhona walukhomba entabeni iKhenana, nayo eseNdwedwe.
Okugqamayo ukuthi nakuba kuhanjwa ngokwehlukana, kodwa okuningi okwenziwayo kuyafana.
Okhulumela abaseThembezinhle uMnuz Chansey Sibisi uthe uma luzoqala uhambo, umholi ungenisa inkonzo ebizwa ngokuthi uMdedele.
“Le nkonzo isuke iwumkhosi wokungenisa ngokusemthethweni umhlangano kaJanuwari,” kusho uSibisi.
Uthe kuningi-ke okuzilwayo kungathintwa, wenza isibonelo ngokudla okuvutshelwe ngembiliso njengesinkwa, wathi akulokothwa.
Uthe kuba sekuqalwa-ke uhambo, luholwa umholi, lulandelwe “izitsha” ezisuke zithwelwe amadoda.
“Ngingechaze kakhulu ngezitsha, kodwa ziyimfihlo yebandla. Ngingazifanisa nomphongolo wesivumelwano,” kusho uSibisi.
Uthe indlela yakhona yokuhamba iholwa umholi, kulandele inhlalisuthu (amadoda), kuze amakhosazana (izintombi nto) bese kuba yingudlungudlu (omama).
Uveze ukuthi emva kokushintsha kohambo lwabo lube yizinsuku eziyisikhombisa, sebeye bathathe usuku ukufinyelela entabeni.
“Siye silekelelwe ukuhamba ngezimoto ukuze sisheshe sifike ngoba uma singaqhubeka nokwenza ngendlela yaphambilini, okuwukuhamba ngezinyawo kusuka ekuqaleni kuze kuba siyofika entabeni, kungathatha izinsuku ezintathu ukuthi sifike, ngoba phambilini kwakuhanjwa, kuphunyulwa,” kuchaza uSibisi.
Uthe uma sekufikiwe entabeni, abantu baye bakhe amadokodo, oyizindawo abasuke bezofihla kuzo ikhanda ngesikhathi bekhonza entabeni.
“Umholi ube esenza umkhuleko wokubingelela intaba. Usuke usuqala ngokusemthethweni ke umhlangano,” kusho uSibisi.
Uthe kuba nezinkonzo zasekuseni, emini nantambama. Wathi ngeSabatha (ngoMgqibelo) kube sekuba nenkonzo yesidlo eyenziwa ebusuku, ilandelwe umgidi ngeSonto lapho okusuke kusinwa khona ngokwezigaba ezehlukene zebandla.
Uthe izinsuku eziyisikhombisa ziba ncane kakhulu, kube khona ezinye izinhlelo abagcina bengakwazi ukuzenza kahle entabeni, kuphoqe ukuthi bagcine sebezenza emathempelini, sebebuyile.
Kuzona kukhona “ibhentshi”, okuyithuba elivulelwa abesilisa asebefuna ukuganwa ukuthi bazibike ezintombini nto.
Uthe lokhu bakwenza ngokuthi bakhulume nazo ngqo, noma kwenziwe ngohlelo lobuholi bamathempeli.
“Okhethe intombi ebhentshini akuvumelekile ukuthi kuphele izinyanga eziyisithupha engalobolile, wayiganisa ngokusemthethweni,” usho kanje.
Ngasekupheleni konyaka odlule, isinqumo senkantolo sathi abasekuPhakameni abaholwa yiNkosi Vukile Shembe Incoyincoyi, bazonyuka ngoJanuwari 2, babuye ngoJanuwari 8.
AbaseThembezinhle abaholwa yiNkosi Phinda Shembe Ukukhanyakwelanga, banyuka ngoJanuwari 9, babuye ngomhla ka 15.
Bese kugcina iGinyezinye eholwa iNkosi Mudliwamafa Shembe ezonyuka ngoJanuwari 16, ibuye ngomhla ka 22.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe ngalesi sikhathi bagxila kakhulu emthandazweni.
“NgeSabatha siba nezinkonzo ezejwayelekile. Kuthi phakathi nezinsuku sibe neka-9 ebizwa ngokuthi uVuka Nathi, bese kuba eka-6 ntambama eyaziwa ngokuthi uLala Nathi,” kusho uMncwabe.
Ugqamise ukuthi okuningi umholi wabo abenzisa kona, usuke elawulwa yizwi.
“Kuya ngokuthi izwi lithini ngaleso sikhathi. Usuku, isikhathi okuphunywa ngakho kukhishwa yizwi. Kuvamile ukuthi kuguquguquke minyaka yonke,” kusho uMncwabe.
Uthe uma usumemezile umbhobho ukuthi izwi lithi sekuyaphunywa, abantu banikwa ihora lokuthi baqoqe abazokudinga ohambweni, bese kuyaphunywa.
Lolu hlangothi, yilo kuphela oluhlala inyanga yonke entabeni njengoba luneyalo lodwa intaba.
AbaseBuhleni abaholwa yiNkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu, banyuke izolo, bazoze babuye ngoJanuwari 24.