NKOSIKHONA CELE
UGQIGQA ezinkantolo umfundisi waseZayoni iSolezwe Ngempelasonto elabika kabanzi ngaye nyakenye, ngesikhathi kuvela ukuthi ulobole abesifazane abangu-22.
UMfu Zamani Shozi webandla iGalile, kuvela ukuthi akukho ukuphumula kuyena, ugqiga ezinkantolo ezahlukene zaKwaZulu Natal ngamacala ehlukene.
NgoLwesibili, uShozi ubekade evele eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngecala lokushaya kabi alimaze owesifazane esithweni sakhe sangasese. Lo wesifazane ungomunye walaba abalobolile.
Kulelo cala iMantshi uM. Blose yathi ilihlehlisela uLwesihlanu oluzayo ngoba kusanophenyo olunzulu olumayelana nesigameko okumele luphothulwe.
“Icala lakho inkantolo iyalihlehlisa ukuze kuqhutshekwe nolunye uphenyo mayelana nalo lolu daba,’’ kubeka uBlose.
Yamtshela ukuthi isicelo sakhe sebheyili sizobuye senziwe uma selutholakale lonke ulwazi oludingekayo ngecala abhekene nalo.
Mayelana naleso sigameko sokushaya owesifazane, kuvela ukuthi wamlimaza kabi ngemuva kwengxabano ababa nayo. Kuthiwa lo wesifazane wayesetholile ukuthi uShozi ulobole inqwaba yabesifazane.
Ephawula ngaleso sigameko lo wesifazane ocele ukuba okwamanje ligodlwe igama lakhe, uthe ufisa ukumbona ebolela ejele uShozi.
Wamchaza njengowesilisa ombethe isikhumba semvu kanti uyimpisi.
"Unesihluku nangu umfundisi wabantu. Empilweni yami yonke mina angikaze ngize ngokuthole ukuhlukumezeka okunjena,'' usho kanje.
NgoLwesine, uShozi uphinde wavela enkantolo yasePinetown ngecala lokushushumbiswa kwemali. Icala lakhe lihlehliselwe inyanga ezayo.
NgoMeyi 24, kuwona lo nyaka kuvela ukuthi uzovela eNkantolo yaseMgungundlovu ngecala lokweba amatekisi amane omunye wesifazane ayesemlobolile.
Ngesikhathi iSolezwe Ngempelasonto libika kabanzi ngoShozi, lakuveza ukuthi nasebandleni ujola nenqwaba yabesifazane.
Laveza nesigqebhe sekhadi lomgunyathi ayezenza ngalo iphoyisa.
Kunomunye wesifazane ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, yena ukhala ngokuthi weba u-R85 000 wakhe.
Kuvela ukuthi uShozi walihamba lelo cala isikhashana kodwa laphela ngendlela engaqondakali.
Ngokombiko owashicilelwa yileli phephandaba, uShozi ucathamela abesifazane ababukeka bemi kahle ngasezimalini. Abesifazane abaphumela obala baveza ukuthi usheshe afune ukuyolobola enza nemicimbi ehambisana nalokho njengemembeso ibe wubukhazikhazi. Emva kwalokho, bathi ushaya achithe nezinto zakho. Abanye babala izimoto anyamalala nazo, abanye bamsola ngokubaqola izizumbulu ethi abatshale imali enkampanini mbumbulu athi ngeyakhe.