OWAYENGUNGQONGQOSHE wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ubalise ‘ngogombela kwesakhe’ athe bayazitamuzela ezimalini zomphakathi enkulumweni yakhe yokugcina ebhalwe phansi.
UGordhan uthe ogombela kwesakhe bayaqhubeka nokubhubhudla izimali zomphakathi, wathi lo mkhuba udla lubi komasipala.
Lokhu ukusho enkulumweni ayibhale esesibhedlela, le nkulumo ubeyibhale njengengxenye yokugubha iminyaka engu-130 kwasungulwa inhlangano eyayilwa nobandlululo, iNatal Indian Congress.
Inkulumo kaGordhan ifundwe umndeni esithangamini nabezindaba izolo.
UGordhan ushone izolo ekuseni emva kokuxinwa ukugula.
Enkulumweni yakhe, uGordhan uthe izimali zomphakathi ziphelela kwabazicabangela bona, abatamuza amathenda nalabo abafuna ukukhokhelwa yizinkampani ezithola amathenda.
“Izimali zomphakathi kufanele zisetshenziselwe ukuthuthukisa abahlwempu, kuthuthukiswe umnotho. Into esiyibonayo manje sibona ogombela kwesabo beqhubeka nokuzicebisa bona ngezimali zomphakathi.”
UGordhan unxuse ukuthi kuliwe nenkohlakalo, wathi abantu bakuleli akufanele bavumele ukuthi kuphinde kube nokulawulwa koMbuso yidlanzana.
Uthe ukulawulwa koMbuso yidlanzana kwaholela ekubhubhudlweni kwezimali zomphakathi, wathi akufanele into enjengalena iphinde yenzeke.
“Akukwazi ukuthi singaphinde sibe nesimo lapho izinhlaka ezifana neNational Prosecuting Authority, iHhovisi loMvikeli woMphakathi nezinye, zilawulwa abathile abafuna ukubhubhudla izimali zomphakathi.”
Abakhulume esithangamini nabezindaba, okubalwa kubo owayenguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Trevor Manuel, owayeyiphini likaNgqongqoshe wezeziMali ngesikhathi lomnyango usaphethwe uGordhan, uMnuz Mcebisi Jonas, bancome amagalelo kaGordhan ekulweni nenkohlakalo.
Bathe ukulwa kukaGordhan nenkohlakalo kwamdalela amazinyo abushelelezi kulabo ababhubhudla izimali zomphakathi.
UGordhan uzongcwatshwa eThekwini, ngoLwesine.
UMengameli Cyril Ramaphosa, umemezele ukuthi uGordhan uzohlonishwa ngomngcwabo osezingeni likahulumeni.
Lesi simemezelo usenze ngesikhathi kunomcimbi wokusayina umthetho wezikole, iBasic Education Laws Amendement Act.
URamaphosa uthe uGordhan uyisebenzele iNingizimu Afrika.
“Ingakho sizokuba nomngcwabo osezingeni likahulumeni, lapho sizokhumbula khona amagalelo akhe.”
Amazwi enduduzo abelokhu engene njalo izolo kulandela ukumenyezelwa kwezindaba zokushona kukaGordhan.
Amaqembu ezepolitiki ehlukene azwakalise ukudumala ngokushona kukaGordhan.
UGordhan usebenze isikhathi eside kuhulumeni.
Phakathi kweminyango ake wayiphatha kubalwa owezeziMali nowezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Ngaphambi kwalokho, wayengukhomishana weSA Revenue Service (Sars), wamemezela ukuthatha kwakhe umhlalaphansi kwezepolitiki ngaphambi kokhetho lwangoMeyi nonyaka.