KWABA yishwa ukuba kuhlehliswe isitatimende sesabelomali emavikini edlule ngenxa yokungavumelani odabeni lwentela i-VAT olwaluphakanyiswa uMnyango kaMgcinimafa wezwe.
Kusukela ngalelo sonto indaba epenapenwayo yiyo eyale ntela ngenxa yokuthi lesi siphakamiso sabukeka siwukugagamela ezweni lapho izigidi ngezigidi ziphila ngokukhangezwa uhulumeni imali yesibonelelo.Kwabuzeka ukuthi obeqhamuke nesiphakamiso se-VAT ubehabuleni.
Isinqumo sokungamemezeli isabelomali kwakungesifanele ngoba kusobala ukuthi ubuholi bezwe babungakabi nawo amasu amasha okwenyula izwe otakwini lwenhlupheko. Ukwenyusa intela ezimpahleni ezithengwayo, yebo, kungalekelela ukufukula isikhwama sikahulumeni kodwa, ngakolunye uhlangothi, bekuzomba omkhulu umgodi kubantu bakuleli abavele badonsa kanzima ezindlekweni zansuku zonke.
Iqiniso lithi kwabasebenzayo imiholo ayikhushulwa ngendlela engakwazi ukumelana nokwenyuka kwezindleko zempilo. Empeleni kweziningi izinkampani emikhakheni eyahlukene sekuneminyaka kungasenzeki ukukhushulwa kwemiholo. Abanye bayehliselwa noma badilizwe. Ngaleyo ndlela ukwenyuka kwentela ezintweni ezizothinta abantu kusho ukuthi kuzoshaya bona kanye abadonsa kanzima.
Lapha asikhulumi ngempikiswano yepolitiki kodwa sisho isimo esikhona ezweni esikulo. Njengoba kulindeleke ukuthi uNqgongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, abuyele esitikini azokwethula isabelomali mhla ka-12 Mashi, sibheke ukuthi ukubonisana kweziphathimandla kumcabangele kanjani umuntu oswele nongenayo imali eyanele ukukhokhiswa intela entsha.
Kungayichilo elibi uma ezobuya ezochibiyela umfantu odalekayo ngokuphela kwethemba kubantu. Kufanele ashintshe ukwenza. Abantu bafuna ukuzwa ukuthi isabelomali sihlelwe kanjani ukuze kuvuleke amathuba okuthi baphume endlaleni, bathole imisebenzi, hhayi ukwenyuka kwezindleko ngoba kayikho yona inkece.