UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthi azokhala zize zome amalungu e-MK asaqhubeka nokubalisela ukuthi iqembu lawo ilona okufanele engabe liqhoqhobele izintambo zoMbuso esifundazweni.
UNtuli uthe uhulumeni wamaqembu abusa ngokubambisana uyaqhubeka nokusebenza kahle.Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esiShayamthetho, lapho bekunenkulumo mpikiswano ebibizelwe ukuzobhunga ngenkulumo yesimo sesifundazwe ayethule ngeledlule.
I-MK yazihola phambili ngamavoti KwaZulu-Natal ngesikhathi kunokhetho lwangonyaka owedlule, kepha ayizange ithole amavoti anele ukuthi ibuse ngokuzimela njengoba yathola izihlalo ezingu-37 kwezingu-80 esiShayamthetho.
Leli qembu eliholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma,lagcina lisala ngaphandle ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wokubambisana ohlanganise amaqembu i-IFP, ANC, DA ne-NFP.
Ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano amalungu eMK athe iqembu lawo ilona okufanele engabe liphethe uhulumeni wesifundazwe.UNtuli uthe amalungu eMK kufanele akuqonde ukuthi iqembu lawo alizange linqobe ngamalengiso ngesikhathi kunokhetho lwangonyaka odlule.
"Ukuze uphathe uhulumeni wesifundazwe kufanele uthole izihlalo ezingaphezu kuka-50%. Angazi ukuthi yni enzima lapho, mhlawumbe inkinga ukuhlanganisa izibalo."
UNtuli uthe uhulumeni wokubambisana uyaqhubeka nokusebenza ngaphandle kwezihibe.
"Ucwaningo lwakamumva lukhombisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bajabule kakhulu ngohulumeni wokubambisana. Siyaqhubeka nokuletha izidingo."
Amaqembu aphikisayo aphinde ayihlaba ayihlikiza inkulumo kaNtuli.
I-MK ne-EFF bathe inkulumo kaNtuli igcwele izethembiso ezingeke zifezwe.
Usotswebhu we-MK, uMnuz Meryvn Dirks, ukhale ngokungathathelwa izinyathelo kukaMphathiswa wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane.
UDirks uthe uNksz Simelane kufanele aphendule ngokushoda kwemithi ezibhedlela nasemitholampilo.
"Akaxoshwa ngani uNomagugu? Izibhedlela nemitholampilo azinayo imithi eyanele. Akwanele ukuthi uNtuli athi uzophenya, sifuna athathe izinyathelo. I-IFP neDA babehlezi bemgxeka uNksz Simelane ngesikhathi bengakabi ingxenye kahulumeni wokubambisana. Ngenxa yokuthanda izikhundla, uNtuli waqoka yena uNksz Simelane ukuba abe umphathiswa. Namhlanje i-IFP ne-DA bathule, abasho lutho ngenxa yokuthanda izikhundla."
Ilungu le-EFF, uNksz Thobisile Nkosi, lithe babenethemba lokuthi izinto zizoshintsha ngesikhathi kungena uhulumeni wokubambisana.
"Kusobala nje ukuthi bahlangene ngenkohlakalo."