KUKHALWA ngokungathembeki koMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngesikole saseThenjane, eMfume, iMgangeni Secondary, osekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye kufundwa kanzima kusona ngenxa yesimo samagumbi okufundela angenalo uphahla, okwenza kuthikamezeke uhlelo lokufunda.
Omunye wabazali bezingane ezifunda kulesi sikole, odonse iphephandaba ngendlebe ethi lingalivezi igama lakhe, uthe le nkinga yaqala ngo-2016 ngesikhathi kunemvula nesiphepho okwashiya izindonga zamagumbi esikole zidilikile, uphahla lwasala kude lena, konakala nengqalasizinda. Uthe uma kuhloma izulu othisha bayabikelwa ngoba basuke sebebona ukuthi sekuzophazamiseka ukufunda, kanti futhi noma lishisa ilanga akubi mnandi ukufunda, ukushisa kushaya okhakhayini.
“Isimo sibi kakhulu njengoba lungekho uphahla emagumbini amaningi esikole, kubalwa negumbi elihlala othisha, okuphoqa ukuthi uma izulu lina, bashiye bemboze izincwadi nokunye abakusebenzisela ukufunda ngoplastiki ukuze kungabi manzi ngendlela yokuthi kungabe kusalungiseka,” usho kanje.
Eqhuba, uthe into ebuhlungu kakhulu wukuthi wukuphela kwesikole esinamabanga aphansi esikhona lesi endaweni, ezinye izikole zikude futhi akulula ukuthi abazali abaningi bayise izingane zabo kuzona ngoba kuzoshaya kuzwele ephaketheni.
“Siphatheke kabi singabazali ngoba kuphaswa kahle esikoleni, nothisha benza okungangamandla abo kepha abakwazi ukungenelela kule nkinga ngoba idinga ababhekele ukuphathwa kwesikole. “Kubuhlungu ukubona izingane zethu zifunda kabuhlungu kanjena kungekho esingakwenza. Sesize sifise nokuthi kube khona uMsamariya olungileyo ozosisiza kube nomehluko kulesi simo esibi kanjena,” kusho umzali.
Lesi sikole sivame ukwenza kahle kwa-matric njengoba ngo-2023 nanyakenye kuphase wonke umfundi, futhi siwusizo emphakathini owakhele le ndawo ngoba siseduze kwemizi.
Omunye wabaphethe isigungu esilawula ukusebenza kwesikole, uNksz Ayanda Sosibo, uvumile ukuthi isimo sibi kakhulu kulesi sikole, kangangokuthi uma izulu lina kakhulu baphoqeka ukuthi izingane bazigodukise ngoba akube kusafundeka nhlobo.
“Kuba nzima kakhulu impela uma izulu lina, kangangokuthi sekuze kwaphoqeka ukuthi kusetshenziswe namagumbi angomahambanendlwana, nawo angasizi wonke umfundi ngoba anela abaka-matric kuphela ngoba yibona ababekwa eqhulwini lokuthi kungaphazamiseki ukufunda kwabo, kodwa konke lokho akwanele ngoba ezinye izingane ziyaphazamiseka,” usho kanje.
Eqhuba, uNksz Sosibo udalule nokuthi sekukaningi bezama ukulungisa isimo, kangangokuthi kwathi ngo-2023 kwafika nowayengungqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Angie Motshekga, wathembisa ukulungisa isimo ngokushesha, kodwa kuze kube yimanje akukho osekwenziwe ukulungisa.
“Nangonyaka odlule kukhona owafika ethi uthunywe ngaboMnyango wezeMfundo ukuzohlola umonakalo bese eyabuya ukuzolungisa kodwa akaphindanga wabuya, sisabambe elentulo akulungi lutho,” kusho yena.
Kuthiwa ngisho amathoyilethi asesimeni esiyihlazoIsikole sinamagumbi okufundela awu-8 nothisha abayisithupha, kanti siwusizo kakhulu emphakathini esiwakhele njengoba senza izinto zibe lula ezinganeni zasendaweni.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Muzi Mahlambi uthembise ukubuya nezimpendulo, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyelanga entathelini.