UMHOLI wethimba labaphenyi becala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, uBrigadier Bongani Gininda, uthe akukho okuphambene ngesenzo sephoyisa elathatha isitatimende sommangalelwa wokuqala, phakathi kwamabili.
UGininda usho lokhu ngesikhathi ephekwa ngemibuzo wummeli u-Adv Zandile Mshololo izolo eNkantolo eNkulu ePitoli. UMeyiwa wadutshulwa wafa ekubo kwentombi yakhe ewumculi, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Mahlanu amadoda ashushiswayo ngokufa kukaMeyiwa kodwa ayawaphika wonke amacala. Umphenyi uGininda uthi umi ngezitatimende zabamangalewa bevuma icala futhi unezitatimende zofakazi ezibakhombayo.
UGininda usanda kushaqisa abaningi ekhomba uKelly, ethi nguyena owathenga izinkabi ukuthi zibulale uMeyiwa. UGininda watshela inkantolo ukuthi lokhu wakutshelwa yibona abamangalelwa ngesikhathi bevuma amacala.
Ubufakazi obuphambi kwenkantolo, buveza ukuthi ummangalewa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya wabhaliswa isitatimende wasayiniswa sona ezinzulwini zobusuku. Kuvele ukuthi ukuthathwa kwesitatimende kwakwenganyelwe wuColonel Solomon Raphadu.
Kuthiwa uSibiya waqala ukuxoxa nephoyisa kusukela ngo-21: 45 kwaze kwaba wu12 ebusuku lapho asayina khona kwase kwehlukanwa.
U-Adv Mshololo ubuze ukuthi uma kungukuthi uSibiya wayezivumela icala ngesihle pho kwakungeke kusalindwa kuse yini.
“Ngokwazi kwakho yini eyadala ukuthi ummangalewa asayiniswe isitatimende ebusuku kangaka? Ngaleso sikhathi kwakufanele ngabe ummangalelwa wayeselele ephumule. Okunye engifisa ukukubuza wukuthi wayengayiswa ngani emantshini ayosayina khona? ” kubuza u-Adv Mshololo.
UGininda uthe akukho okubavimbayo bengamaphoyisa ukuthi bathathe isitatimende ebusuku.
“Wayevuma icala odabeni olubucai. Kwase kufanele kungabe sapholiswa maseko, kuthathwe isitatimende. Angiwazi umthetho othi akufanele kuthathwe isitatimende ebusuku. KwakunguMgqibelo ngalolo suku futhi kusebusuku. Angiboni ukuthi imantshi sasizoyithathaphi,’’ kuchaza uGininda.
Uthe futhi iphoyisa elisesikhundleni sikaColonel linalo ilungelo lokuthatha izitatimende uma umuntu evuma icala.