UQALE waba yinhlekisa kubantu evela emaqenjini ehlukene egqoke nezikibha zawo ngesikhathi ethula imihlahlandlela yokhetho.
Muva nje ugcine ephenduka usaziwayo, waba yintandokazi kwabaningi ngokuhambela yonke imihlahlandlela yamaqembu.
Ubengakhethi qembu njengoba ebebonakala ngemifaniswano yawo uma kunomhlahlandlela walelo qembu.
Lokhu kumbeke ebalazweni uThembeka Dliwako (22) waseHoneyville, eMgungundlovu nowenza unyaka wesibili ezifundweni zeHuman Resources Management, eMnambithi TVET College.
Le ntokazi esencane igcine isibangwa ngisho amaqembu abefuna ukugqama ngokuthi kukhona yona kumhlahlandlela wawo.
Ngaphezu kwegama lakhe lokuzalwa likaThembeka, ugcine esethiwa amagama amaningi njengoba edume ngelikaNomaRally kanti ekuqaleni wayebizwa ngeNdlondlo yaseMabhida ngenxa yokubonakala kwimihlahlandlela yamaqembu epolitiki ebiba kule nkundla yezemidlalo eseThekwini.
UTHOKOZANI NDLOVU uxoxe nale ntokazi ukuthola ukuthi iphatheka kanjani ngoshintsho empilweni yayo nangomuzwa wayo ngokhetho lwalo nyaka.
THOKOZANI NDLOVU (TN): Ngabe likhona iqembu lepolitiki ogcine uthathe isinqumo sokuthi uzolivotela, kungani ukhethe lona?
THEMBEKA DLIWAKO (TD):Yebo likhona iqembu engizolivotela. Noma ngingeke ngilidalule kodwa izithembiso zalo zikhombise ukugxila kakhulu ekunakekeleni thina njengabafundi njengoba ziziningi izinkinga esibhekene nazo nokuvula amathuba omsebenzi.
TN: Kukhona ongakuphawula ngemikhankaso eqhubekayo yamaqembu epolitiki?
TD: Engikuqaphelile ukuthi inselelo ibe nkulu kakhulu emaqenjini epolitiki njengoba wonke ekhombise ukuzimisela efuna ukunqoba ukhetho.
TN:Uveze ukuthi iqembu ozolivotela liqhakambise ukuthi lizoninakekela njengabafundi, kukhona ongakuveza obona ukuthi aninakekelwe kukho njengabafundi?
TD: Ngikhuluma nawe nje kuvele kwavaleka imali yethu yeNSFAS sangakwazi nokuthenga ukudla esikoleni. Okubuhlungu akukho esitshelwa khona ngokuthi kwenzekeni.
TN:Usuhambe izindawo eziningi ngenxa yamaqembu epolitiki, ngabe amaqembu abezikhokhela izindleko zakho zokuya kwimihlahlandlela yokhetho?
TD:Ngiqale ngeza ngamabhasi amahhala abesuke ehlelwe ukuthi athuthe abantu ebayisa kwimihlahlandlela, kodwa muva kushintshile lokho. Amaqembu abengiyisa emicimbini yawo ngokukhethekile engigibelisa ngisho nebhanoyi okuyinto engiqale ukuyigibela ngawo, ngiphinde ngibhukhelwe nendawo yokulala, kanti nasemicimbini bengiba yingxenye yezicukuthwane. Akugcinanga lapho njengoba kugcine sekuba nemali engiholelwa yona ngokuza emicimbini yawo.
TN:Ezintweni ezithenjiswe amaqembu yikuphi okukuchaze kakhulu kuwona ethula imihlahlandlela yokhetho?
TD: Iningi lawo belikhuluma into ecishe ifane kodwa obekugqama ukuthi wonke athembisa amathuba omsebenzi ukunyusa imali yezibonelelo nohlelo lwabafundi baka-matric abazoqeqeshwa ukuze baqasheke.
TN:Uzovotela kuphi?
TD: Ngizovotela eMnambithi lapho ngibhalise khona.
TN: Njengoba usudumile unjani umuzwa wakho ngodumo?
TD: Ngizizwa ngijabule kakhulu kodwa ekuqaleni benginokwesaba ngoba ngiqale ngahlekwa. Okunye ukuthi sekunzima ukuphila impilo ngokukhululeka ngenxa yokwaziwa. Yonke indawo lapho ngiqhamuka khona abantu bayangijabulela bafune nokushutha nami ngigcine ngingakwazanga ukwenza engisuke ngifuna ukukwenza.
TN:Njengoba kudlula ukhetho zithini izinhlelo ngempilo yakho?
TD:Ukuzibandakanya namaqembu epolitiki kuveze okunye ngempilo yami ngathola ukuthi nginekhono lokuphatha uhlelo emicimbini. Emva kokhetho ngizogxila ekuphatheini izinhlelo emicimbini. Kumanje ukhona umcimbi kamaskandi ozoba ngoJuni 16 engizobe ngiphethe kuwona.
TN: Uhambile kakhulu namaqembu epolitiki, uyazibona ungusopolitiki ngelinye ilanga?
TD:Noma ikanjani futhi ngingakujabulela ukuba wusopolitiki ngelinye ilanga, futhi yinto engiyifuna kakhulu.
TN: Izikibha zamaqembu ehlukene obuzigqoka emicimbini ehlukene uzozigcina noma uzozishisa?
TD: Ngeke ngizishise ngizozigcina. Zizohlala ziyisikhumbuzo ngomlando wami nepolitiki. Ngisho sengimdala ngiyafisa ukuzikhombisa abantwana bami babone ukuthi ngaduma ngenxa yazo. Okunye ukuthi impahla ayishiswa.
TN: Uzobe uqala ukuvota? Ungathini kubantu abathi ngeke bavote?
TD: Yebo ngizobe ngiqala. Kubantu ngithi abaphume bayovotela amaqembu abawathandayo. Ukungavoti kwabo kuzobe kusho ukuthi abalufuni ushintsho, kuzokwenzeka izinto abangazithandi bangabi nendawo abazokhala kuyona.
Yize elifihlile iqembu azolivotela uThembeka kodwa emva kwayo yonke imihlahlandlela ugcine esebonakala eziyamanisa kakhulu ne-Action SA. Nogaqele esikaNdunankulu wakwaZulu-Natal kwi-Action SA, uZwakele Mncwango uyabonakala esebenzisana noNomaRally ezintweni eziningi zaleli qembu.