ESINYE sezithunywa ebesisengqungqutheleni ye-ANC ebiseNasrec, eGoli, eguqe ngeledlule, sesinike uMnuz Kgalema Motlante umnqamulajuqu wokwethula imiphumela yophenyo lwakhe ngoJanuwari 3.
Encwadini ebhalelwe uMotlante nethimba lakhe abesebenzisana nalo ukuqapha ukuhamba kahle kokhetho, isithunywa, uMnuz Thabang Mdletshe saku-ward 30 eThekwini, sibayalele ukuthi basungule uphenyo ngokuthengwa kwezithunywa ukuthi zivotele abantu abagcine bedla umhlanganiso.
UMdletshe uthe ngokwemithetho yokukhethwa kobuholi obusha be-ANC kuzwelonke engqungqutheleni, kwenziwe okungafanele ukuthi kuthengwe amavoti ezithunywa ezithile.
Uthe kusemqoka ukuthi lezi zinsolo zingashiywa zilenga kodwa ziphenywe, bese kuthi imiphumela yophenyo inekelwe izwe lonke.
Uthe bathandazela ukuthi uma luphela uphenyo, ithimba libachithe bonke abaqokiwe.
“Phakathi kwabo kufanele kube wuMengameli Cyril Ramaphosa, uMnuz Gwede Mantashe, uMnuz Bejane Chauke nabanye,” kusho uMdletshe.
Uqhube wathi kufanele ithimba lingagcini lapho kodwa libathathele izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe bonke ababandakanyeka ekuthengweni kwamavoti.
“Sifuna umbiko wophenyo uthunyelwe izinhlaka ezibhekela ukwephulwa komthetho, okukhona kuzo iDirectorate for Priority Crime Investigations namaphoyisa,” kusho yena.
Esekela izinsolo zakhe uMdletshe, uthe ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela, uMantashe ekhuluma esiteshini sezindaba sethelevishini esikhokhelwayo, uthe indaba yokuthengwa kwamavoti iwudaba olukhona futhi olubucayi.
Kuleyo ngxoxo uMantashe uthe naye uke wathola ucingo luvela kumuntu othize ngaphambi kwengqungquthela, emtshela ukuthi unezithunywa ezingu-140 ezingamvotela (uMantashe) uma engakhokha uR100 000.
UMdletshe uthe le nkulumo kaMantashe yayisho ukuthi uyavuma ukuthi unolwazi lokuthi imali nezinye izinto ezingekho emthethweni kuyasetshenziswa ukuthenga amavoti.