IZOFIHLWA namuhla emathuneni aseNtuzuma inkakha yomculo wokholo uCyril Mbongwa emuva kwenkonzo yomngcwabo esebandleni iMahon Evangelical Church, KwaMashu.
UMbongwa, owaduma ngengoma eyayithi Izulu Indawo Yokuphumula neyayithi Umusa KaNkulunkulu Wanele Bonke, udlule emhlabeni ekwakhe ngoMgqibelo ngezithuba zabo8 ekuseni.
Ngokusho kukadadewabo, uNksz Ntombi Khuzwayo, uMbongwa (ogama lakhe langempela bekunguCyril Vusimuzi Mbongwa Khuzwayo), waqala wahlaselwa umkhuhlane amasonto amabili.
"Uthe esuka wayehlaselwa yiphika. Uye emtholampilo waKwaMashu ngoLwesihlanu kodwa wabuyiselwa emuva kanti uzofika ekhaya ashone," kusho uNksz Khuzwayo. Ushona nje ubesanda kukhipha iCD esihloko sithi Ngibize futhi ebinezingoma ezilishumi.
UMbongwa, obaziwa ngeleBhubesi LaKwaMashu, uqale ukucula umculo wokholo neqembu lakhe iFoundation of God ngo1996
Ushiye emhlabeni udadewabo, umfowabo, unkosikazi wakhe uMaShange nezingane zabo ezine.
*Khonamanjalo inkonzo yesikhumbuzo somlingisi uDuma Mnembe, owayedume ngelikaBheseni kuHlala Kwabafileyo, izobanjewa eWalter Sisulu Hall eMzimhlophe, eGoli namhlanje ngo2 ekuseni kanti yena uzofihlwa ngoMgqibelo.