INKANTOLO eNkulu yaseThekwini ithole ukuthi awakaze abe khona amaminithi omhlangano okuthiwa waba phakathi kwabophiko lweCity Integrity and Investigations Unit (CIIU) nabe-Investigations and Forensic Solutions (IFS).
Kukulo mhlangano lapho okuvele khona ngeledlule, ukuthi kwavunyelwana ngokuthi udaba lwethenda yokuqoqwa kukadoti eThekwini engahanjiswanga ngendlela, kufanele ludluliselwe emaphoyiseni.
Le thenda ichaphazela owayeyimeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede nabanye.
Bonke babhekene namacala angaphezulu kuka-2000. Phakathi kwawo kukhona eletulo lokuzama ukwenza inkohlakalo, elenkohlakalo, elokukhwabanisa nelokushintshisana ngemali ngendlela engekho emthethweni.
Wonke lawa macala ayamaniswa nethenda yokuqoqwa kukadoti eThekwini, yezigidi ezingaphezulu kukaR300 million.
Ngeledlule inkantolo yaguqa emva kokuthi ummeli kaGumede, u-Adv Jay Naidoo acela ufakazi woMbuso, oyiNhloko yophiko iCIIU, uMnuz Mbuso Ngcobo ukuthi alethe ubufakazi bamaminithi omhlangano lapho okwavunyelwana khona ngokuthi kwenziwe uphenyo lwangaphandle emva kokuthola amaphepha emuntwini ongaziwa owayebazisa ngokukhishwa lwale thenda ngendlela engafanele.
Ngesikhathi inkantolo ihlala izolo, ithole amaphepha akhombisa isivumelwano sethenda phakathi kophiko lweCIIU nolwe-IFS, leso sitaki samaphepha sasilethwe ngumuntu ongaziwa.
Yize kunjalo, u-Adv Naidoo utshele inkantolo ukuthi amaphepha esivumelwano sethenda akhonjiswa inkantolo akukho sigatshana lapho eveza khona ukuthi uphiko lwe-IFS lwakhokhelwa malini.
UNgcobo ube esecelwa ukuthi athi ukuphuma kancane enkantolo.
U-Adv Naidoo uqhube watshela inkantolo ukuthi akuzange kulandelwe imigudu efanele ngesikhathi kuphenywa ngale thenda.
Uqhube wathi uNgcobo akazange awenze ngendlela efanele umsebenzi wakhe, kunalokho, akwenzile ngukuba sembhidlangweni wokucekela phansi uNkk Gumede.
“Uthathe izindlela ezinqamulelayo ukuze ekugcineni afinyelele ekutheni kufanele kuphenywe. Ubenenhloso futhi ubefuna ukuthi kuboshwe umuntu,” kusho u-Adv Naidoo.
Uqhube wathi awekho amaphepha alethwe enkantolo ashoyo ukuthi uphenyo kufanele lwenziwe ngaphandle (ngamaphoyisa).
“Njengommeli womsolwa, sikholwa wukuthi indlela okusingathwe ngayo uphenyo isheshisiwe kanti ayenziwanga ngendlela efanele,” kusho u-Adv Naidoo.
Uvezele inkantolo ukuthi uNgcobo wasayina ukuthi iCIIU yenze uphenyo lwangaphakathi ngoMashi 8, 2018 kodwa ngoMashi 12, 2018 lwadluliselwa ophikweni lwe-IFS.
Itshe ligaye ngomunye umhlathi ngesikhathi uMbuso usuvuma ukuthi awekho amaphepha afakazela ukuthi uphiko lweCIIU nolwe-IFS lwavumelana ngokuthi uphenyo ludluliselwe emaphoyiseni.
Ngaphezu kwalokho uMbuso uphinde wavuma ukuthi awekho amaminithi omhlangano uNgcobo owayethembise ngeledlule ukuthi uzowaletha enkantolo.
Ngesikhathi uNgcobo eyalelwa ukuthi abuye ngaphakathi enkantolo, uqale wadaza inkani, ethi akhona amaminithi omhlangano lapho bavumelana khona ukuthi luyiswe emaphoyiseni uphenyo.
“Ukhona umbiko owasetshenziswa njengenkomba. Ngesikhathi ithimba lithola ngezinsolo, bathola ukuthi omunye wabasolwa wayekade ekwelinye icala elalisanda kuphothulwa.
“Omunye owayesekhaleni lophenyo kulelo cala wasatshiswa wagcina eshiya yingakho sathatha isinqumo sokuthi leli (elinoNkk Gumede) liphenywe ngamaphoyisa,” kusho uNgcobo.
Izikhawu eziningi, uNgcobo ubelokhu ephindaphinda ukuthi ithimba lakhe lalinezizathu zonke ukuthi lithumele uphenyo ngaphandle emaphoyiseni.
Yize kunjalo, u-Adv Naidoo ubelokhu eqhubekile nokumphicaphica ngemibuzo, kwaze kwaba uyavuma ukuthi awekho amaminithi omhlangano ayewasho ngeledlule.
“Awekho amaminithi omhlangano,” kuzivumela uNgcobo.
Icala liyaqhubeka namuhla.