BAGQEMEKE inkambabeyibuza yengozi abamangalelwa ababili ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, ngesikhathi iJaji Ratha Makgoatlheng linquma ukuthi izitatimende zokuvuma icala zizoba yingxenye yobufakazi.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus eGauteng ngo-2014. UMbuso uthi abamangalelwa ngesikhathi beboshwa bavuma emaphoyiseni baze basayina izitatimende bewalandisa ngokubulala uMeyiwa.
Abamangalelwa bathi amaphoyisa abaphoqa ukuthi basayine izitatimende futhi bayawaphika onke amacala ababhekene nawo. Bebefake isicelo sokuthi izitatimende zichithwe zingabi yingxenye yobufakazi benkantolo.
IJaji uMakgotlheng likhiphe isinqumo salo ngoLwesine ekuseni emuva kokuthi icala laguqa ngoMsombuluko. Lithe abamangalelwa owokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya nowesibili uBongani Ntanzi bahlulekile wukuveza ubufakazi bokuth baphoqwa.
“Emuva kokucungungula kabanzi ngithole ukuthi ummangalelwa wokuqala nowesibili bazivumela bona bengaphoqwe wumuntu ukusayina izitatimende. Ummangalela wesibili futhi wayengaphoqwe muntu wazivumela ukuyokhomba endaweni yesigameko,’’ kusho iJaji.
UMbuso ucele ukuthi kuyiwe ekhefini beyoxoxa ukuthi kuzoqhutshekwa kanjani necala emuva kwesinqumo.