IVULWE wuNdunankulu waKwaZulu-Natal, ingqungquthela yezinsuku ezimbili yabesifazane abangabaholi ezwenikazi i-Afrika, esingathelwe ehhotela iRaddison Blu, eMhlanga.
Kule ngqungquthela eyaziwa ngokuthi, i-African Women in Leadership, kuzobhungwa kuyo kabanzi ngezinselelo ezibhekene nabantu besifazane bese kuqhanyukwa namasu okuguqula isimo.
UNkk Nomusa Dube-Ncube uthe kuyona yonke into eyenziwayo kumele kubekwe phambili abantu besifazane khona izophumelela.
Uthe bayinzalabantu enakekelelayo, emise amakhaya futhi bangasiguqula isimo esingesihle esibhekene nezwekazi i-Afrika uma benganikwa ithuba beyimbokodo.
Kulo mbuthano kukhona abesifazane bamahlelo ehlukene emiphakathi, osomabhizinisi, abavela kohulumeni bamazwe ehlukene, osopolitiki nabanye.
“Noma ikephi lapho kukhona umuntu wesifazane izinto ziyenzeka. Kumele sesekwe futhi sinikezwe ithuba elifanayo nozakwethu besilisa,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uveze ukuthi kumele ithi iphothulwa ngoLwesihlanu, le ngqungquthela, okungenani, kube sekukhethwe abaholi besifazane abangu-10.