U-DJ okusabalele amahlebezi okuthi uhlaselwe yisifo sonhlangothi, uDJ Kotin, uthi useyoze abonakale emicimbini ngonyaka ozayo njengoba esalulama.
UDJ Kotin, uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo iNgincamela Wena apike kuyo uSamke, Thando ayishaya noSneziey nezinye.
USihlalo womfelandawonye wezinyunyana zamaciko iCultural Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa), KwaZulu-Natal, uT’zozo Zulu, ekhuluma nabezindaba kwaMampintsha muva nje uveze ukuthi kunamanye amaciko asesibhedlela ehlaselwe wukugula.
Akadalulanga ukuthi anani kodwa kwenye ingxoxo wakuveza ukuthi elinyelawo uKotin obengeniswe esibhedlela eGoli kodwa wabuye wadedelwa njengobaeseseThekwini.
UKotin izolo ekuseni uthe ululamela ekhaya.
“Bengixinwe iCorona kodwa sengiyalulama. Ngingene esibhedlela amahora amabili, ngisekhaya manje,” kusho uKotin, ongumphathi kaDJ Sithelo.
Uthe amaphaphu phansi kubalandeli bakhe ngoba akahlaselwe yisifo sohlangothi okuthiwa sithathe uMampintsha obeyilungu leBig NUZ. Nomunye umculi wekwaito uL’vovo, kuthiwa uquleke esiteji enandisa eNdwedwe ngoDisemba 23 wangeniswa esibhedlela ehlaselwe yisifo sohlangothi.
“Lo othuse abantu udlale kabi ekubeni kunesimo esibuhlungu esehlile sokuhamba kukaMampintsha ngaso isifo sohlangothi.”
Uthe uzogxila ekululameni futhi useyoyibona ngonyaka ozayo indaba yokuyonandisa emicimbini.
Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi ibe namhlanje ekuseni inkonzo yesikhumbuzo kaMampintsha oshone ngoMgqibelo. Izoba Ethekwini Community Church.
Inkonzo yomngcwabo izoba kusasa ekuseni eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.