U DINWE ukungadlaliswa emidlalweni yobungani yokulungiselela isizini entsha wacela ukudedelwa enkontilekeni yakhe umgadli weSuperSport United uPhumelele “Ace” Bhengu, ukuze akwazi ukufuna elinye iqembu azothola kulo ithuba lokudlala.
UBhengu obesasele nenkontileka yeminyaka emibili uhehe iso leSuperSport ngesikhathi esagijima kuThanda Royal Zulu lapho aqeda khona isizini engumshayi magoli ophambili kuNational First Division (NFD) ngesizini ka-2014/2015.
Isolezwe lithole ukuthi uBhengu uhlulekile ukubekezela kuSuperSport ngoba ebona ukuthi kuzoba nzima ukuthola ijezi.
“ISuperSport ibisafuna ukumgcina u-Ace kwazise idinga abadlali abaningi eqenjini njengoba izoya kodlala e-Afrika. Yize iSuperSport ibisamdinga kodwa eyokungadlaliswa isizini ephelile nokuthi ugcinelwa ukuthi ayodlala e-Afrika iyona into ebimnenga u-Ace waze wacela ukuthi bamdedele enkontilekeni yakhe.
"Emasontweni edlule iSuperSport ibe nemidlalo yobungani lapho u-Ace ingamdlalisanga khona. Lokhu kumdine kakhulu wafuna iqembu limdedele,” kusho umthombo.
Uqhube wathi iSuperSport ibifuna ukumbolekisa ngoba ibona ukuthi akeneme khona kodwa wala waphetha.
“Maningi amaqembu abefuna ukumboleka kodwa wanqaba ukuthi abolekiswe njengoba ubengasafuni lutho emhlanganisa ne-SuperSport.”
UBhengu ufike kuleli qembu lisaphekwa uGordon Igesund, lapho ebesizwa ngendaba isikimu. Ukufika kukaStuart Baxter yikona okubuyise ithemba kulo mgadli kwazise uke wasithola isikimu kodwa waphinde wakhuhla ibhentshi.
UBhengu ubebanga ijezi noKingston Nkhatha, Bradley Grobler noJeremy Brockie.
Sekuyinto ejwayelekile ukuthi lo mgadli owazakhela udumo esadlala emaqenjini amancane esizwe, angayiqedi inkontileka yakhe emaqenjini agijima kuPremier Soccer League (PSL), njengoba nakuChippa United engayiqedanga ngenxa yakho ukukhuhla ibhetshi. NakuMoroka Swallows kwaba esifanayo.
Isolezwe liphinde lathola ukuthi lo mgadli ucela ukudedelwa nje ngoba asevele akhona amaqembu afuna ukumsayinisa.
“U-Ace ubevele efunwa iRoyal Eagles neThanda ngesikhathi ingakamdedeli iSuperSport. Ngicabanga ukuthi kuzoba lula ukuthi athole iqembu kulawa amabili ngoba ngeke esamboleka”, kusho umthombo.
Kuthintwa ongumxhumanisi weSuperSport nabezindaba uKoketso Gaofetoge, uvumile ukuthi sebehlukene noBhengu.
“Kuyiqiniso ukuthi simkhululile uPhumelele enkotilekeni yakhe. Kube yisinqumo esithathwe yiqembu ngokuvumelana nomdlali. Usengakwazi ukusayina nanoma yiliphi iqembu alithandayo”, kusho uGaofetoge.